Isobho likagogo uMampinga
Glanice Masilo
Glanice Masilo

Wake wezwa ngendawo ebizwa ngokuthi iNkangala?

1

Unkosikazi Dubula kanye nomyeni wakhe bahlala eNkangala. Banabantwana abahlanu.

2

Abafana ababili nguSobuka kanye noNjalo. Kanti amantombazane nguNtando, uChika kanye noSabu.

3

Ugogo Mampinga umama omdala osekhulile, ohlala
endaweni yaseNkangala.

4

Umndeni wakwaDubula uyaye uvakashele ugogo uMampinga ukuze amsize.
Bayamuthanda kakhulu.

5

Ugogo uMampinga ubaphekela isobho elimnandi, elakhiwe ngobhontshisi kanye nezitshalo.

6

Njalo uma befika kagogo, abafana ababili bayahamba bayomkhelela amanzi.

7

uma sebeqedile, bonke babeye bahlale phansi kwesihlahla bathokozele isobho likaGogo uMampinga.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Isobho likagogo uMampinga
Author - Glanice Masilo
Translation - Thulile Gumede
Illustration - Glanice Masilo
Language - isiZulu
Level - First sentences