Endleleni eya esikoleni
S'busiso Goodman Kubeka

UThami uvuka kakhulu zonke izinsuku.

1

Umama kaThami uyamsiza ukulungisela ukuya esikoleni.

2

Isikole sikaThami sikude nasekhaya lakhe. Uhamba nabangane bakhe uma eya esikoleni.

3

Ngelinye ilanga, umama kaThami wavuka waya emsebenzini. Wavuka sekudlule isikhathi sokuya esikoleni. Abangane bakhe bamshiya, baya esikoleni.

4

UThami wayehamba yedwa edlula ehlathini.
UThami wezwa umsindo ongajwayelekile eduze kwezihlahla.

5

Wezwa amazwi emuva kwamahlathi. Waqala wagijima. Wagijima waze wayofika esikoleni.

6

UThami wangena egijima ekilasini lakhe. Uthisha wambuza kungani engena egijima.
Wachazela uthisha ngakuzwile emahlathini ngesikhathi ehamba yedwa.

7

Uthisha wabe esexwayisa abafundi ngobungozi bokuhamba wedwa emahlathini.
Kusukela ngalelo langa, uThami usevuka ekuseni kakhulu alungise bese ehamba nabangane bakhe.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Endleleni eya esikoleni
Author - S'busiso Goodman Kubeka
Translation - Thulile Gumede
Illustration -
Language - isiZulu
Level - First sentences