

Ubuhle bukaNomalanga babufana nelanga liphuma, wayesho ngezimbulunga zamehlo amhlophe okweqhwa. Ukhalo lwakhe lwalungathi umnyovu, ensundu okwendoni yamanzi ngebala.
Wayehlala nabazali bakhe kwinxulumakazi endaweni yase Kuthuleni. Wayenguzinyobulala kwabo. Wayevuka njalo ekuseni akhiphe imfuyo kayise ayikhaphele emadlelweni ngaphesheya komfula owawudlula budebuduze nekhaya lakhe.
UNomalanga wayethandwa yibo bonke abafana bendawo. Kepha wayezondwa yiwo wonke amantombazane endaweni.
Langa limbe, esebuya ekukhapheleni imfuyo esebheke ekhaya. Wahlangana nedlanzana lamantombazane abe esenza itulo lokumthumba angaphinde atholakale endaweni. Amantombazane amumisa ohambeni lwakhe abe esekhuluma naye.
"Sawubona Nomalanga, Nobuhle wase Kuthuleni." kubingelela u Jojo owayemude futhi ezacile kakhulu. "Yebo, sanibonani nonke bodadewethu." kuvuma uNomalanga.
"Namuhla uzohamba nathi njengoba sithunyiwe ngale kwentaba u Jevu, sizobuya lingakashoni ilanga." kuqhuba uCebile. "Kulungile ngizoniphelezela." esho ngokukhulu ukwesaba uNomalanga.
Bahamba baqwala intaba iJevu baze bathi dundu phezu kwayo. Babekhefuzela bephefumulela phezulu ngenxa yonkwenyuka intaba. Ngokuphazima kweso bambamba uNomalanga bamthatha bamfaka esakeni elikhulu.
Wayekhahlela ememeza kakhulu. "Bodadewethu, bodadewethu ngiyacela ningidelele ngibuyele ekhaya." Kukhala uNomalanga. "Kungabe ngenzeni kinina?" kuzikhalela yena.
Thula wena Nobuhle. kukhuluma u Jojo ngokunengwa, sikhathele uwe nobuhle bakho, nabantu bahlale bekubabaza njalo lobubuhle" kuqhuba u Jojo." Thumela umyalezo kubazali bakho ngaphambi kokuba siqede ngawe namuhla" kuchaza u Zozo.
UNomalanga waqala wacula icula ayelifundiswe ugogo wakhe ngaphambi kokuba ashone. Kwakuyiculo lemilingo. "Gumbeqe, gomboqo, qekelele, zwi."
Waqhubeka esho ngomzwilili wezwi lakhe elalishelela njengoju lwezinyosi. "Gomboqo, qekelele, gumbeqe, zwi." Wayelokhu eculile ngezwi lakhe elalimtoti, "Qekelele, gumbeqe, gomboqo, zwi."
Njengoba ayeqhubeka ecula, uNomalanga waqala wakhula, waloku ekhula eba mkhuludlwana, isikhumba sakhe saqala sashintsha umbala safana negolide.
Zonke izintombi zawa phansi zesaba kakhulu zibona uNomalanga ephenduka isichuse esifana negolide phezu kwentaba uJevu.
Noma sebekwenzile ababekuhlelile, ukumsoconga, ekugcineni uNomalanga waqhubeka eloku emuhle ngisho ngale kokuphila.

