Ziningi izinhlobo zezicathulo.
Kunalezi ezigqokwa uma ilanga lishisa ezithi 'phaqa-phaqa'.
Kunalezi ezigqokwa omama uma besebumnandini, ezithi 'qhwa-qhwa'.
Kube nezabantwana besikole ezithi 'foko-foko'.
Ezobaba abazigqoka uma besemsebenzini zona zithi 'nyefu-nyefu'.
Ezami engizithanda kakhulu zithule futhi zihlanzekile. Azifani nezikamfowethu zasemasimini, ezinomsindo nodaka!
Ezami engizithanda kakhulu zinhle kunezikadadewethu ezinuka phu, agijima ngazo. Ezami engizithanda kakhulu ngezokugqoka uma ngiziphumulele nje ngingacabangi lutho.
Ngizigqoka uma ngisendlini. Zona ke zintofo-ntofo. Zijabulisa inyawo zami ngobuntofo-ntofo bazo.