Ibhola liyimpilo yabo
Pimville Library Soccer
Pimville Library Soccer

UBling wayelithanda kakhulu ibhola.

Uma ekhuluma ngalo, wayethi, "Ibhola impilo yami."

1

Wayengomunye wabadlali abavelele ababeqeqeshwa uTshepo.

UTshepo wayelikhonzile iqembu lakhe.

Abadlali abaningi bafisa ukulidlalela.

2

Babezodlala umdlalo obalulekile.

Iqembu lalizilolonga zonke izinsuku.

Bonke babezimisele ngalo mdlalo omkhulu!

3

Umqeqeshi weqembu ababezodlala nalo wayeyindoda enomona.

Wayenomona ngempumelelo kaTshepo.

4

Lo mqeqeshi waya enkundleni ngosuku olwandulela umdlalo.

Wafike wambela khona into enobungozi.

Wambela khona umuthi!

5

UBling wadlala kahle kakhulu kuqala umdlalo.

Wathi eseyolifaka ezintini.

Wakhubeka!

6

Wakhahlela umoya, maqede wawa!

"Bling?" kumemeza abalandeli.

"Bling?" kuncenga uTshepo.

7

"Akukho okuyongiwisa!" kusho uBling ngaphakathi.

"Ibhola impilo yami."

Wavuka, waqhubeka wadlala kwaze kwaphela umdlalo.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ibhola liyimpilo yabo
Author - Pimville Library Soccer
Translation - Zanele Zuma
Illustration - Pimville Library Soccer
Language - isiZulu
Level - First sentences