

Kwakukhona intombazane igama layo kunguKay.
Abazali bakhe babengososayensi abavelele. Babematasa nomsebenzi owawuyimfihlo enkulu esikhungweni sabo sezesayensi.
Esinye isikhohlakali sikasosayensi esasibizwa ngoDr Devious sasifuna ukuthola imfihlo yalo msebenzi ababewenza.
Ngobunye ubusuku uDr Devious wathumela uzakwabo uDan Diabolical ukuthi azothumba abazali bakaKay.
UDan wababamba abazali. Wacishe wamthola uKay kodwa waphunyuka ngoba wayemncane futhi egijima kakhulu.
UKay wagijima njengonyazi.
Lapho ama khona wabona esesehlathini. Izihlahla zazizinde kakhulu futhi wayengakaze azibone ezinje.
Wabheka phezulu ethi uzama ukubona lapho zigcina khona, wakhubeka wawa!
Waginqika, waginqika, waginqika.
Wathi lapho ephaphama wazibona esendlini eneTV enkulu.
"Sawubona Kay," kusho indoda ekuTV.
Ngisebenza ngezimfihlo zomhlaba! Manje nguwena osuyisisebenzi sezimfihlo zomhlaba esisha!"
UKay ezwa lawo magama, wazizwa eba nesibindi esikhulu.
Usozimfihlo uKay washiya isihlahla esephuma ngomnyango owawusesiqwini saso isihlahla.
Wagijima waze wayofika lapho kwakuhlala khona uDr Devious wafike wamcela inselelo.
Balwa izinsuku ezimbili, uKay wagcina eyinqobile lempi!
Sebebuyele ekhaya abazali bakhe, uKay wabuyela esihlahleni leso ukuyofuna indoda eyayikuTV.
Wasithola isihlahla, kodwa sasingenawo umnyango.
Wahlala phansi wabheka phezulu ezihlahleni.

