Usozimfihlo
Linda Liphondo
Sbusiso Boikanyo

Kwakukhona intombazane igama layo kunguKay.

Abazali bakhe babengososayensi abavelele. Babematasa nomsebenzi owawuyimfihlo enkulu esikhungweni sabo sezesayensi.

1

Esinye isikhohlakali sikasosayensi esasibizwa ngoDr Devious sasifuna ukuthola imfihlo yalo msebenzi ababewenza.

Ngobunye ubusuku uDr Devious wathumela uzakwabo uDan Diabolical ukuthi azothumba abazali bakaKay.

2

UDan wababamba abazali. Wacishe wamthola uKay kodwa waphunyuka ngoba wayemncane futhi egijima kakhulu.

UKay wagijima njengonyazi.

3

Lapho ama khona wabona esesehlathini. Izihlahla zazizinde kakhulu futhi wayengakaze azibone ezinje.

Wabheka phezulu ethi uzama ukubona lapho zigcina khona, wakhubeka wawa!

4

Waginqika, waginqika, waginqika.

Wathi lapho ephaphama wazibona esendlini eneTV enkulu.

5

"Sawubona Kay," kusho indoda ekuTV.

Ngisebenza ngezimfihlo zomhlaba! Manje nguwena osuyisisebenzi sezimfihlo zomhlaba esisha!"

UKay ezwa lawo magama, wazizwa eba nesibindi esikhulu.

6

Usozimfihlo uKay washiya isihlahla esephuma ngomnyango owawusesiqwini saso isihlahla.

Wagijima waze wayofika lapho kwakuhlala khona uDr Devious wafike wamcela inselelo.

Balwa izinsuku ezimbili, uKay wagcina eyinqobile lempi!

7

Sebebuyele ekhaya abazali bakhe, uKay wabuyela esihlahleni leso ukuyofuna indoda eyayikuTV.

Wasithola isihlahla, kodwa sasingenawo umnyango.

Wahlala phansi wabheka phezulu ezihlahleni.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Usozimfihlo
Author - Linda Liphondo, Sbusiso Boikanyo
Translation - Zanele Zuma
Illustration - Sbusiso Boikanyo, Linda Liphondo
Language - isiZulu
Level - First paragraphs