Isihlahla sokuthula
Mpumelelo Mlangeni
Tshiamo Msimanga

Kwakukhona intombazane igama layo kwakungu-Ayanda.

Kwakunguyena yedwa ingane ekhaya kubo.

Abazali bakhe babefuna isehlukaniso.

1

U-Ayanda wakhetha ukubaleka ekhaya.

Wabalekela ehlathini ngoba wayengazi ukuthi angayaphi.

2

Impisi yamxosha u-Ayanda, wagibela esihlahleni.

Impisi yazama ukumluma wagibela phezulu esihlahleni.

3

Esephezulu wabona ilanga lilihle liqhakazile.

Walithanda kakhulu, wase ekhetha ukuhlala lapha ehlathini.

4

Zonke izinsuku wayegibela esihlahleni axoxe nelanga.

Ilanga lase liphenduke umndeni wakhe.

5

Ngelinye ilanga wabona indoda ngaphansi kwesihlahla.

Le ndoda kwakungubaba wakhe.

U-Ayanda wehla esihlahleni. Ubaba wakhe wachaza ukuthi kungani wayeze lapha.

6

Wathi, "Kudala ungakazalwa, mina nomama wakho sasihlangana kule ndawo. Ibaluleke kakhulu kithina."

"Manje ngigibela kulesi sihlahla uma ngifuna ukuthula lapho sixabana nomama wakho," kusho ubaba ka-Ayanda.

7

Emva kwesikhashana, umama ka-Ayanda naye wafika ehlathini.

Wayezoxolisa kubaba ka-Ayanda.

Lesi kwakuyisihlahla sabo sokuthula.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Isihlahla sokuthula
Author - Mpumelelo Mlangeni, Tshiamo Msimanga, Tumi Mofokane
Translation - Zanele Zuma
Illustration - Tshiamo Msimanga, Tumi Mofokane, Mpumelelo Mlangeni
Language - isiZulu
Level - First paragraphs