

Kwakukhona intombazane igama layo kwakungu-Ayanda.
Kwakunguyena yedwa ingane ekhaya kubo.
Abazali bakhe babefuna isehlukaniso.
U-Ayanda wakhetha ukubaleka ekhaya.
Wabalekela ehlathini ngoba wayengazi ukuthi angayaphi.
Impisi yamxosha u-Ayanda, wagibela esihlahleni.
Impisi yazama ukumluma wagibela phezulu esihlahleni.
Esephezulu wabona ilanga lilihle liqhakazile.
Walithanda kakhulu, wase ekhetha ukuhlala lapha ehlathini.
Zonke izinsuku wayegibela esihlahleni axoxe nelanga.
Ilanga lase liphenduke umndeni wakhe.
Ngelinye ilanga wabona indoda ngaphansi kwesihlahla.
Le ndoda kwakungubaba wakhe.
U-Ayanda wehla esihlahleni. Ubaba wakhe wachaza ukuthi kungani wayeze lapha.
Wathi, "Kudala ungakazalwa, mina nomama wakho sasihlangana kule ndawo. Ibaluleke kakhulu kithina."
"Manje ngigibela kulesi sihlahla uma ngifuna ukuthula lapho sixabana nomama wakho," kusho ubaba ka-Ayanda.
Emva kwesikhashana, umama ka-Ayanda naye wafika ehlathini.
Wayezoxolisa kubaba ka-Ayanda.
Lesi kwakuyisihlahla sabo sokuthula.

