Izinja zami ezinhle
Priscilla K
Priscilla K

Umama wangitholela imidlwane emibili.

Yayimihle kakhulu!

1

Ngayiqamba ngathi uRoyalty noBlackie.

2

URoyalty wayensundu efana nendlovukazi.

UBlackie wayemuhle emnyama enoboya obude.

3

Ngangihamba nabo zonke izinsuku uma ngibuya esikoleni.

4

Ngesinye isikhathi ngangibageza.

URoyalty wayebaleka uma begeza.

5

Ekhaya sahamba sayohlala emafulethini.

Abavumanga ukuthi sihlale nezinja.

6

Kwadingeka ukuthi oRoyalty noBlackie sibashiye nabazala bami.

Ngelinye ilanga ngabavakashela.

7

Ngathola ukuthi uBlackie sewalahleka. URoyalty wayeyedwa enesizungu.

Yaba buhlungu inhliziyo yami.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Izinja zami ezinhle
Author - Priscilla K
Translation - Zanele Zuma
Illustration - Priscilla K
Language - isiZulu
Level - First sentences