"Masidlale umacashelana," kwasho ubhuti wami.
1, 2, 3, 4, 5, 6, 7, 8, 9, 10, 11, 12… …92, 93, 94, 95, 96, 100!
Ubhuti wami wayeza ezongifuna. Ngangicashe ngemva kwekhethini.
Wangifuna yonke indawo.
Wangena ekameleni engangicashe kulona.
Ngangithule nginganyakazi. Ngangicabanga ukuthi, "Uzongithola."
Emva kwalokho waphuma.
Ngagijima ngaphumela ngaphandle. Ngamemeza ngathi, "Awuzange ungithole!'