

UNkawu uhlangana noNgwenya ngasechibini.
UNkawu ubuza uNgwenya, "Ngabe uhlalaphi?"
Aphendule uNgwenya, "Echibini."
UNgwenya ke naye bese ebuza uNkawu.
Aphendule uNkawu, "Ngihlala ezihlahleni."
Aqhubeke uNgwenya, "Uyakwazi ukubhukuda?"
"Cha, angikwazi." UNgwenya-ke bese ethi, "Ngizokufundisa."
Aqhubeke uNgwenya, "Ungesabi, singabangane."
Khona lapho uNgwenya athi kuNkawu, "Umalume wami uyagula, udinga inyama."
UNkawu useyasaba ngempela manje. Ngabe uNgwenya uzomudla?
UNkawu ufuna ukubalekela uNgwenya manje.
Hmm! Usenesu.
UNkawu bese ethembisa uNgwenya, "Ngizokunika inhliziyo yami, uphe umalume wakho."
"Kodwa-ke, mngane wami, inhliziyo yami isemhlabeni, esihlahleni," kuchaza uNkawu.
"Ungayilanda inhliziyo yakho lapho?" kubuza uNgwenya.
Avumele phezulu uNkawu, "Yebo, yebo."
Nanguya uNgwenya ebhukuda eya emhlabeni. Nanguya noNkawu egijimela ezihlahleni.
UNgwenya wezwakala esethi, "Awuyena umngane wami. Uqambe amanga!"
Waphendula uNkawu esihlahleni, "Vele, asibona abangane! Ucabanga ukuthi angiboni ukuthi ufuna ukungidla ungishwabadele!"

