Intuthwane enekhanda elikhulu nejuba
Terkule Aorabee
Joe Werna

Intuthwane enekhanda elikhulu yayingumlimi omuhle.

Yayihlala emhlabathini nomdeni wayo.

1

Babesebenza kanzima kakhulu epulazini labo.

Umndeni wenthuthwane wawuhleli kahle.

2

Ijuba laliwumakhelwane wentuthwane.

Ijuba lalihlala esihlahleni nomndeni walo.

3

Ijuba nomndeni walo babengalimi.

Babephumula usuku lonke.

4

Ijuba nomndeni walo babengabaculi abahle kakhulu.

5

"Sihlephulele ukudla kwakho," ijuba licela intuthwane.

"Cha! Hamba uyolima!" kuphendula intuthwane.

6

Ijuba landizela phansi laqala ukucula, "Intuthwane yinkosi!"

7

"Intuthwane yinkosi! Intuthwane yinkosi!"

Intuthwane yalithanda leliculo.

8

Emuva kokudla, ijuba kanye nomndeni walo bandizela phezu kwesihlahla sabo.

9

Ngosuku olulandelayo, ijuba lagcona intuthwane.

"Ingabe amakhosi anamakhanda amakhulu?" ehleka.

10

"Awubongi futhi uyivila!" kukhononda intuthwane.

11

"Ngiyaxolisa," kusho ijuba, futhi laqala ukucula. "Inthuthwane iyinkosi!"

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Intuthwane enekhanda elikhulu nejuba
Author - Terkule Aorabee
Translation - Lizzy Mathonsi, Pretty Nxusa, Thabile Mbatha
Illustration - Joe Werna
Language - isiZulu
Level - First paragraphs