Intuthwane enekhanda elikhulu yayingumlimi omuhle. Yayihlala emhlabathini nomdeni wayo.
Babesebenza kanzima kakhulu epulazini labo. Umndeni wenthuthwane wawuhleli kahle.
Ijuba laliwumakhelwane wentuthwane. Ijuba lalihlala esihlahleni nomndeni walo.
Ijuba nomndeni walo babengalimi. Babephumula usuku lonke.
Ijuba nomndeni walo babengabaculi abahle kakhulu.
"Sihlephulele ukudla kwakho," ijuba licela intuthwane. "Cha! Hamba uyolima!" kuphendula intuthwane.
Ijuba landizela phansi laqala ukucula, "Intuthwane yinkosi!"
"Intuthwane yinkosi! Intuthwane yinkosi!" Intuthwane yalithanda leliculo.
Emuva kokudla, ijuba kanye nomndeni walo bandizela phezu kwesihlahla sabo.
Ngosuku olulandelayo, ijuba lagcona intuthwane. "Ingabe amakhosi anamakhanda amakhulu?" ehleka.
"Awubongi futhi uyivila!" kukhononda intuthwane.
"Ngiyaxolisa," kusho ijuba, futhi laqala ukucula. "Inthuthwane iyinkosi!"