

Eminyakeni eyinkulungwane eyadlula kwakukhona usaziwayo webhola owayenesipho esifana nomlingo wokudlala ibhola.
Ngesikhathi eqala ukuvelela lo saziwayo, abantu abaningi babelwa bezama ukufana naye.
Ngesikhathi kudlalwa umqhudelwano wokuqala webhola lomhlaba wayengasekho lo saziwayo futhi akekho owayazi ukuthi washonaphi nomlingo wakhe.
Kwedlula iminyaka eminingi. Waze waphinde wabonakala lo mlingo ngoba sekuzelwe enye ingqwele yebhola.
Kungekudala kakhulu kwavela umfana owayebizwa ngokuthi uDavid. Wayephuma emndenini ohluphekayo.
Ngaphambi kokuthi uyise kaDavid ashone, wadlulisela isipho sokudlala ibhola esasifana nomlingo kundodana wakhe.
Waqale wangawaqonda umfana amandla alesi sipho.
Wayesemncane ngesikhathi eqala ukudlala ibhola.
UDavid wayengakaze aye esikoleni kodwa isipho ayenaso sasimenza anqobe yonke imidlalo ayeyidlala nabangane bakhe.
Wagcina esetholile ukuthi wayengenza imali eningi ngokudlala ibhola futhi asize umndeni wakhe.
Wayenokuvula isitolo avulele umama wakhe futhi akhokhele nomfowabo nodadewabo esikoleni.
UDavid waba ngumdlali ovelele kunabo bonke abake baba khona.
Abantu babeze bathi akazalwanga kulo mhlaba!
Waba yingqwele yebhola engasoze yakhohlakala.

