Ingqwele yebhola
David M
David J M

Eminyakeni eyinkulungwane eyadlula kwakukhona usaziwayo webhola owayenesipho esifana nomlingo wokudlala ibhola.

Ngesikhathi eqala ukuvelela lo saziwayo, abantu abaningi babelwa bezama ukufana naye.

1

Ngesikhathi kudlalwa umqhudelwano wokuqala webhola lomhlaba wayengasekho lo saziwayo futhi akekho owayazi ukuthi washonaphi nomlingo wakhe.

Kwedlula iminyaka eminingi. Waze waphinde wabonakala lo mlingo ngoba sekuzelwe enye ingqwele yebhola.

2

Kungekudala kakhulu kwavela umfana owayebizwa ngokuthi uDavid. Wayephuma emndenini ohluphekayo.

3

Ngaphambi kokuthi uyise kaDavid ashone, wadlulisela isipho sokudlala ibhola esasifana nomlingo kundodana wakhe.

Waqale wangawaqonda umfana amandla alesi sipho.

4

Wayesemncane ngesikhathi eqala ukudlala ibhola.

UDavid wayengakaze aye esikoleni kodwa isipho ayenaso sasimenza anqobe yonke imidlalo ayeyidlala nabangane bakhe.

5

Wagcina esetholile ukuthi wayengenza imali eningi ngokudlala ibhola futhi asize umndeni wakhe.

Wayenokuvula isitolo avulele umama wakhe futhi akhokhele nomfowabo nodadewabo esikoleni.

6

UDavid waba ngumdlali ovelele kunabo bonke abake baba khona.

Abantu babeze bathi akazalwanga kulo mhlaba!

7

Waba yingqwele yebhola engasoze yakhohlakala.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ingqwele yebhola
Author - David M
Translation - Zanele Zuma
Illustration - David J M
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs