Indawo enginikeza intokozo
Summayya Muamba
Summayya Muamba

Ngizonixoxela ngami neKhaya labadala.

1

Lesi isakhiwo esikhulu esiseBertrams, eGoli.

Izindonga zakhona zimbalabala, zihlanzekile futhi uma ungena ngaphakathi kuthule cwaka. Abantu abahlala lapha badala kakhulu.

Ngelinye ilanga savakashela kule ndawo nomama.

2

Leli Khaya labadala ngilithanda kakhulu!

Njalo uma ngibona abantu abadala ngiyajabula futhi ngiyakwazi ukubasiza.

3

Ngelinye ilanga ngafika khona ngabageza izinwele abanye.

4

Ngaphinde ngabapha ukudla.

Nakuba abanye babo babengethusa, kodwa kwakungijabulisa ukuba nabo.

5

Kwakukhona ugogo owayenolaka futhi engafuni nakancane ukusizwa. Wayevele athethe nje.

6

Kwakukhona omunye engambamba izandla wangabe esafuna ukungidedela. Izandla zakhe zazithambile futhi zifudumele.

Wayenegama elifana nelikadadewethu, u-Aisha.

7

Ngibathanda kakhulu abantu abadala. Basixoxela izindaba zakudala futhi engingeke ngizazi.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Indawo enginikeza intokozo
Author - Summayya Muamba
Translation - Zanele Zuma
Illustration - Summayya Muamba
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs