

Kwasukasukela, kwaku nomfana okwakuthiwa nguWayan. UWayan wayehlala e-Indonesia, endaweni eseduze nolwandle. Lendawo yayisenzansi kwentabamlilo. Wonke amabhishi eyenesihlabathi esimnyama ngenxa yalentabamlilo.
Abantu balesigodi babetshale ilayisi, omango, obhanana, ukhukhunathi, opopo, isnake-fruit nedragon fruit. Kwakungenamuntu owayelamba.
ULwandle lwalubaluleke kakhulu kubantu balendawo. Kwakuyindawo ekhethekile lakwakuhlala khona amadlozi. Abantu balendawo babekholwa ukuthi uma usushonile ubuyela olwandle.
UBaba kaWayan nomkhulu wakhe babe ngabadobi bezinhlanzi. Empeleni amadoda amaningi endawo ayedoba. Kwakulokhu kunjalo kusukela emandulo. Kwakufanele ube namandla ukuze ube ngumdobi. UWayan uma esekhula naye uyoba ngumdobi wezinhlanzi.
Njalo ekuseni, ngokuphuma kwelanga, amadoda ayethatha izikebhe ahambe ayodoba. Njalo kusihlwa, ngokushona kwelanga, bebebuya nezikebe zabo zigcwele izinhlanzi. Kwakuba nezinkulu nezincane, ezimpunga nezimbalabala.
Ngelinye ilanga, umkhulu kaWayan wagula washona. Wonke umuntu wayejabhile. Babanomcimbi omkhulu wokumbonga nokumvalelisa. Bathela umlotha wakhe olwandle, indawo ekhethekile lapho kuhlala khona wonke amadlozi.
Sadlula isikhathi wakhula uWayan. Wayesengumdobi manje nobaba wakhe wayese guga. Ngelinye ilanga wayezoba ngumholi womndeni wakhe uWayan, kodwa kwakusekuningi okwakumele akufunde.
Izinto beseziguquka. Isibalo sezinhlanzi besesinciphile kulezo zinsuku; ngakho-ke abadobi besebehlala besolwandle isikhati eside.
Ngamanye amalanga izikebhe bezibuya zingathwele lutho; ngisho sezihlale zisolwandle kuphume ilanga lize liyoshona.
Zazishonephi zonke izinhlanzi? Uma bezibambile izinhlanzi, bezincanyana nje zonke zinganambitheki.
Namasebe olwandle abeseguqukile. Ayekade ehlanzekile emahle, kodwa manje besekugcwele opulasiti ki yonke indawo: izinkomishi zepulasitiki, amabhodlela amanzi, imici yokumoma nezikhwama ngisho nophaca!
Kwasekugcwele ufucufucu oluningi kabi, kungasabonakali nalesihlabathi esimnyama ngaphansi. Abantu balesigodi babesebenzisa izinto kanye kuphela bese beyazilahla. Bebengananazi ngokulahla udoti phansi Besekujwayelekile ukubona upulasitiki ugcwele yonke indawo. Ngisho namasimu elayisi ayegcwele opulasitiki.
Ngezinye izikhathi abahlali bebewushisa upulasitiki, ngezinye bebewulahlela lapho kwakukade kugeleza khona amanzi omfula kudala.
Uma kubuya umzila noma kuna izulu, lalithatha lonke lolufucufucu ngakho ke kwahamba nalenkinga. Ngokucabanga kwabo…
Abantu baqala ukugula kulesigodi, kungenamuntu osaziyo isizathu. "Kungani kungasenazinhlanzi? Kungani bonke abantu begula? Singazinqanda kanjani zonke lezinto ezenzekayo ezimbi?" bazibuza abahlali.
Ngelinye ilanga uWayan esayodoba, waketukela emanzini. Wacishe waminza, kodwa wasindiswa ufudu. Igama lalolufudu lalingu Bintang; igama elisho ukuthi 'inkanyezi'. Lwathi "Gibela emhlane wami. Ngizokunakekela."
Wathi uWayan "Ngiyabonga fudu. Ngiyokukhokhela ngani ngokuthi usindise impilo yami?"
Mhlawumbe ungangisiza. Umkhulu wami uneminyaka engamakhulu amabili (200). Ungufudu oludala oluhlakaniphe kakhulu kunawo wonke engiwaziyo. Ugula kakhulu kanti akunamuntu owaziyo ukuthi kungenziwa njani. Mhlawumbe
ungamusiza?" kwabuza uBintang.
UBintang wayisa uWayan eTurtle Town, idolobe lezimfudu. UWayan wayecabanga ukuthi uyobona ofudwana abaningi abancane abathandekayo, kodwa cha… wabona nje kugcwele opulasitiki abaningi besakazwe yonke indawo.
UBintang wayisa uWayan kumkhulu wakhe. Wayegula kakhulu, kunzima ngisho nokukhuluma nokuphefumula. UWayan wabe esebona into engajwayelekile ilunguza ekhaleni lomkhulu kaBintang.
Wathi "Yima! Ngizozama ukuyidonsa ngiyikhipe lento, kodwa ungase uthunuke, uyezwa?"
Wadonsa, waphinda wadonsa, wadonsa. Umkhulu kaBintang wamemeza ngobuhlungu. Ekugcineni yaphuma lento.
Kwakuyini? Kwakufana nethambo! Kodwa kungelona ithambo.
Bekungumucu wokumoma. Umucu wokumoma? Ekhaleni lofudu? Kwaku ngene kanjani lapha?
"Awu, ngiyabonga, Wayan! Usindise impilo yami. Sengiyakwazi ukuphefumula futhi manje," kwasho umkhulu wofudu. "NginguGalih, iNkosi yezimfudu."
UWayan wakhothamela iNkosi.
"Ngidinga ukukubonisa bonke abagulayo embusweni wami. Ngicela ungilandele."
Baya esibhedlela sezimfudu, iTurtle Hospital, lapho kwakulele khona izimfudu ezigulayo eziningi, ezinkulu nezincane, zilele zikhala ezinhlungwini.
"Bahlushwa yini?" kwabuza uWayan.
"Asazi," kwasho iNkosi. "Bagula beqeda ukudla izitheketheke, kodwa kudala sidla izitheketheke kusukela emandulo. Akukaze kube nogulayo."
INkosi uGalih yakhombisa uWayan itheketheke elakhishwa kolunye ufudu olalugula.
Wathi uWayan "Lokhu akusilo itheketheke. Yisikhwama sikapulasitiki! Niwudlelani upulasitiki, Nkosi Galih? Awukona ukudla!"
INkosi uGalih yachaza, "Uyabona Wayan, izimfudu aziboni kahle. Kithina isikhwama sikapulasitiki sifana ncimishi netheketheke."
INkosi yabe isicela umusa. "Ungasisiza? Ungabatshela abantu ukuthi bengabe basazisebenzisa izikhwama zopulasitki nemicu yokumoma futhi? Ungabatshela ukuthi uboneni la? Siyakucela. Sidinga usizo lwakho. Ngaphandle kwalo sizokufa."
UWayan wakhothamela iNkosi wathembisa ukuthi uyokwenza konke okusemandleni akhe ukusiza izimfudu. Wabambelela emhlane kaBintang wabuyela esigodini sakubo. Ohambeni lwabo babona izikhwama zopulasiti ki eziningi futhi YEBO! Impela bezifana nezitheketheke.
Ngokushesha uWayan waqonda ukuthi abantu besigodi bebese yizimpumputhe, bengasawuboni wonke lopulasiti ki ogcwele yonke indawo.
Wabona ukuthi izinto besekumele ziguquke. Wabamba umhlangano watshela abahlali ngohambo lwakhe nazo zonke izinto azibonile.
Ngalobo busuku umholi wesigodi wabeka imithetho embalwa:
• Imici yokumoma, izikhwama, amabhodlela, nezinkomishi zapulasitiki akusavumelekile
• Kungasashiswa opulasitiki
• Kungagqitshwa opulasitki endaweni
• Kuhlanzwe amabhishi, amasimu elayisi nalesi sigodi
• Kwakhiwe izinto ezingasebenza, ngalolufucufucu lukaplastiki oluqoqiwe
• Kuqoqwe opulasitiki abasolwandle esikhundleni sezinhlanzi
• Kungadobiwa futhi kungadliwa nhlanzi ngaphambi kokuthi ulwandle luhlanzeke
Bekungumsebenzi onzima, futhi kwadlula isikhathi abantu bengadli nhlanzi, bedla izithelo kuphela, izitshalo kanye nelayisi. Ekugcineni emuva kweminyaka emithathu yokuhlanzwa kwendawo, bekungasenawo upulasitiki ongcolisa amasimu elayisi nolwandle.
Abantu besebewusebenzisile upulasitiki sebakhe nezinto njengezitulo namatafula. Bebe-ngasayisebenzisi imici yokumoma namabhodlela kapulasitiki. Esikhundleni semici yokumoma kapulastiki, bebesebenzisa imici eyakhiwe ngoqalo (utshani uqalo). Esikhundleni sezikhwama zikapulasitiki, bebesebenzisa izikhwama zendwangu ebezingasetshenziswa ziphindaphindwe. Esikhundleni samabhodlela nezinkomishi zikapulasitiki, bebe sebenzisa ezis
Abahlali baqonda ukuthi bayinxenye yemvelo. Uma izilwane nomhlaba kunempilo, nabahlali bebebanempilo futhi. Uma izilwane nomhlaba kugula, nabo bebegula.
Emuva kweminyaka emithathu, bekunezinkulungwane zezinhlanzi futhi: ezinkulu nezincane, ezimpunga nezimbalabala.
Abahlali bayeka ukugula. Izinhlanzi nezimfudu zaba nempilo futhi. Abantu bebejabulile. Umhlaba ubujabulile. Okhokho bebejabulile. Kanjalo nanolwandle futhi.
Cosi cosi yaphela.
Umsebenzi
1. UWayan uhlalaphi?
2. Singumbala muni isihlabathi?
3. Yebo noma cha. Umkhulu kaWayan nobaba kaWayan bangabadobi.
4. Igama elithi uBintang lisho ukuthini?
5. Iguliswa yini inkosi uGalih?
6. Inkosi uGalih yacela ukuthi uWayan enze njani?
7. Ithini imithetho eyabekwa ngabahlali?
8. Bayekela ukudoba isikhathi esingakanani?
9. Uyithandile lengalekwane? Ngobani?
10. Ungayisiza ngani inkosi uGalih nezimfudu?

