Ikati nenja ziyadweba futhi ziyahlobisa
Elke and René Leisink
Elke and René Leisink

Yikati leli, nguKitty.

Yinja le, nguBobby.

1

Inja nekati zifuna ukudweba.

Inja nekati zifuna ukuhlobisa.

Inja nekati zifuna ukwenza imifanekiso.

Sekuqala inja.

Ithatha ipensela nephepha. Iphepha liyisikwele.

2

Iqale idwebe isimo esimise okweqanda.

Lo mfanekiso umzimba wekati.

Kwaze kwalula bo!

3

Emva kwaloko idweba onxantathu ababili phezu komfanekiso onjengeqanda.

Labo nxantathu ngamadlebe ekati. Idweba omunye unxantathu omnyama phakathi emfanekisweni osaqanda.

Lo nxantathu omnyama yikhala lekati. Idweba ke manje umugqa phezu kwekhala.

4

Manje idweba amehlo kanye namashiya ekati.

Amehlo amachashazana amabili.

Amashiya imigqa emibili.

Kwaze kwalula bo!

5

Idweba umlomo ke manje.

Umlomo ngumugqa.

Kodwa ubukeka njengohlamvu 'w' futhi bese idweba izindevu zekati.

Izindevu ezintathu ohlangothini lwesokunxele nangasohlangothini lwesokudla.

6

Umfanekiso cishe usuphelile.

Idweba izingalo nemilenze yekati.

Izingalo nemilenze yimigqa bese idweba ubhonsi lwekati.

Obhonsi yizindingilizi bese idweba umsila wekati.

Umsila wona ngumugqa omude.

7

Ekugcineni idweba imithende embalwa emzimbeni wekati. Ihlobisa ngokufaka umbala osawolintshi emzimbeni.

Usuphelile umdwebo.

Waze wamuhle!

8

Manje ke sekuyithuba lekati ukudweba inja.

Ithatha ipensela nephepha.

Iphepha lingunxande.

9

Liqale ikati lidweba. Lidwebe isimo esisaqanda.

Lesi simo simele umzimba wenja.

Hmm! Kuhle!

10

Lidweba izimo ezimbili ezimnyama phezu kwalesi simo esisaqanda.

Lezi zimo ezimbili ngamadlebe enja, liphinde lidwebe indingilizi emnyama phakathi kulesi simo esisaqanda.

Indingilizi emnyama ikhala lenja. Manje lidweba umugqa phezu kwekhala.

11

Selidweba amehlo kanye namashiya enja.

Amehlo amachashazana amabili.

Amashiya imigqa emibili.

Hmm! Awuboni-ke, sekulungile.

12

Manje lidweba umlomo wenja.

Umlomo ngumugqa.

Isimo futhi siwuhlamvu 'w'. Seliphinda lidweba amachashazana azungeza umlomo wenja.

Amathathu ohlangothini lwesokunxele, amathathu ohlangothini lwesokudla.

13

Umdwebo cishe usuphelile.

Lidweba izingalo nemilenze kwenja.

Izingalo nemilenze yimigqa, bese lidweba ubhonsi lwenja.

Obhonsi yizindingilizi bese lidweba umsila wenja.

Umsila ubukeka njengembali.

14

Ekugcineni lidweba izindilinga ezimbalwa ezimnyama emzimbeni wenja. Lifaka umbala ophuzi emzimbeni.

Nanko-ke umdwebo uphelile.

Waze wamuhle!

15

Usale kahle Kitty.

Usale kahle mfanekiso wekati.

Usale kahle, Bobby.

Usale kahle mfanekiso wenja.

16

17
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ikati nenja ziyadweba futhi ziyahlobisa
Author - Elke and René Leisink
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Elke and René Leisink
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs