Izingubo zami zesikole
African Storybook
Mlungisi Dlamini

Ingubo kadadewethu inkulu kakhulu kimi!

1

Ijezi lomfowethu nalo likhulu kakhulu kimi.

2

Isikhwama sami sikhulu.

Kodwa asisikhulu kakhulu!

3

Leli bhande lincane kakhulu kimi. Lidala futhi.

4

Lesi yisigqoko sikanodoli wami.

5

Amasokisi ami angilingana kahle.

Kodwa akuwona umbala ofanele.

6

Nazi izicathulo zami ezintsha.

7

Zona-ke zingilingana kahle.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Izingubo zami zesikole
Author - African Storybook, Clare Verbeek, Thembani Dladla, Zanele Buthelezi
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Mlungisi Dlamini
Language - isiZulu
Level - First words