

Kwakukhona indoda eyayibizwa ngokuthi nguMandla. Yayifundisa abantwana ukufunda, kodwa hhayi egumbini lokufundela kodwa ngaphansi kwesihlahla.
Ngelinye ilanga ntambama, uGqi oyinyamazane wagibela esihlahleni ukuze antshontshe izithelo. Kwawa igula lashaya uMandla ekhanda lambulala. Ngesikhathi izingane zithola uthisha wazo elele phansi efile, zaphoxeka kakhulu. Zafuna ukuthola lowo obulele uMandla.
Babamba umoya oya eningizimu. "Nguwena ojikijele igula elishaye uthisha wethu uMandla. Bekungamele ukwenze lokho." Kodwa umoya oya eningizimu wathi, "Ukube benginamandla kangako bengingavinjwa izindonga zodaka?"
Bahamba baya ondongeni lodaka. "Bekunguwe lo ovimbe umoya oya eningizimu, lo ogingqe phansi igula leli elishaye uthisha wethu uMandla. Bekungamele ukwenze loko." Kodwa uDonga Lodaka lwathi, "Uma benginamandla kangako igundane lingene kanjani kimi?"
Bathola igundane. "Bekunguwe ongene ondongeni lodaka, lolo oluvimbe umoya oya eningizimu lo ogingqe phansi igula, leli elishaye uthisha wethu uMandla. Bekungamele ukwenze lokho." Kodwa igundane laphendula lathi, "Uma benginamandla kangako bengingeke ngidliwe iKati."
Bathola ikati. "Bekunguwe lo odle igundane, leli elingene odongeni lodaka, lolu oluvimbe umoya oya eningizimu, ongingqe igula leli elishaye uthisha wethu uMandla. Bekungamele ukwenze lokho." Kodwa ikati lathi, "Uma benginamandla ngaleyo ndlela bengingeke ngiboshwe yintambo."
Baya kwintambo."Bekunguwe obophe ikati, leli elidle igundane, leli elingene odongeni lodaka, lolu oluvimbe umoya oya eningizimu, lo ogingqe igula leli elishaye uthisha wethu uMandla. Bekungamele ukwenze lokho."Kodwa intambo yathi, "Uma benginamandla angako ngabe angisikwa ummese."
Basebethola ummese bathi. "Nguwe lo osike intambo, le ebophe ikati, leli elidle igundane, leli elingene odongeni lodaka, lolu oluvimbe umoya oya eningizimu, lo ogingqe igula leli elishaye uthisha wethu uMandla. Bekungamele ukwenze lokho." Kodwa ummese wathi, "Uma benginamandla angabe ngishiswa umlilo?"
Base bebheka umlilo. "Bekunguwe lo oshisa ummese lo osike intambo, le ebibophe ikati, leli elidle igundane, leli elingene odongeni lodaka, lolu oluvimbe umoya oya eningizimu, lo ogingqe igula, leli elishaye uthisha wethu uMandla. Bekungamele ukwenze lokho." Kodwa umlilo wathi, "Ukube benginamandla angako ngabe ngicishwa ngamanzi?"
Baya emanzini. "Bekunguwe lo ocishe umlilo, lo oshise ummese, lo osike intambo, le ebibophe ikati, leli elidle igundane, leli elingene odongeni lodaka, lolu oluvimba umoya oya eningizimu, lo ogingqe igula, leli elishaye uthisha wethu uMandla. Bekungamele ukwenze lokho." Kodwa amanzi athi, "Uma benginamandla bengingaphuzwa yinkabi?"
Bathola Inkabi. "Bekunguwe lo ophuze amanzi, lawa acishe umlilo, lo oshise ummese, lo osike intambo, le ebibophe ikati, leli elidle igundane, leli elingene odongeni lodaka, lolu oluvimbe umoya oya eningizimu, lo ogingqe igula, leli elishaye uthisha wethu uMandla. Bekungamele ukwenze lokho." Kodwa inkabi yathi, "Uma benginamandla angabe ngincinzwa yimpukane?"
Bathola impukane. "Bekunguwe lo oncinze inkabi, le ephuze amanzi, lawa acishe umlilo, lona oshise ummese, lo osike intambo, lena ebophe ikati, leli elidle igundane elingene odongeni lodaka, lolu oluvimbe umoya oya eningizimu, lo ogingqe igula, leli elishaye uthisha wethu uMandla. Bekungamele ukwenze lokho." Kodwa impukane yathi, "Uma benginamandla, ngabe ngidliwa yinyamazane?"
Bathola uGqi, inyamazane. "Bekunguwe lo odle impukane, le encinze inkabi, le ephuze amanzi, lawa acishe umlilo, lo oshise ummese, lo osike intambo, le ebophe ikati, leli elidle igundane, leli elingene odongeni lodaka, lolu oluvimbe umoya oya eningizimu, lo ogingqe igula, leli elishaye uthisha wethu uMandla. Bekungamele ukwenze lokho."
UGqi wamangazwa ukubanjwa okungangokuba wahluleka ngisho ukuphika engazi uzothini. Emva kwalokho izingane zathi, "Nguwe kanye lo ogingqe lelagula elishaye uthisha wethu uMandla. Nguwe lo ekumele ajeziswe!"

