

UZinhle ulele phansi kumata. Umama wakhe umxoxela enye yezindaba ayikhonzile.
Indaba imayelana namakhosikazi esigodi sabo, aziwa lapha nakude le ngemisebenzi emihle yezandla zabo.
Isipho sikaZinhle, asithanda kakhulu, yilo mata wakhe wokulala onemibala ekhangayo awenzelwa ngugogo wakhe. Kwakuyisipho sakhe eqeda iminyaka eyishumi.
Uma uZinhle evuka, umama wakhe uyawuthatha lo mata, awuthintithe, awusonge kahle, awubeke.
Ngendlela awukhonze ngayo lo mata, uZinhle uye ancenge umama wakhe athi, "Hhhayi manje mama. Masibheke le mibala emihle nezimo zakhona sobabili."
UZinhle uyayicula le mibala umugqa nomugqa, esuka phezulu aze ayofika phansi, "Pinki, pinki, luhlaza, luhlaza, pinki, pinki, luhlaza sasibhakabhaka, luhlaza sasibhakabhaka, pinki, pinki, luhlaza, luhlaza." Ingabe wena, uyakwazi ukubona la iphethini ishintsha khona?
UZinhle uyawuvula umata, awudonse kusuka kuleli chopho kuye kwelinye ukubonisa izimo. Izimo eziningi kulo mata, onxande nezikwele ezimbalwa phakathi nonxande.
"Mama, ngiyayazi indlela esheshayo ukubala ukuthi zingaki lezi zimo sezizonke. Awudingi ukubala ngasinye, kodwa ubala ukuthi zingaki emgqeni ngamunye. Yithi ngikubonise mama," esho kumama wakhe.
Uyazi wena ukuthi uZinhle ubala kanjani lezi zimo? Zingaki izimo azitholayo sezihlangene?
UZinhle unawo omunye umata onombala ophuzi noluhlaza satshani. Lona-ke uwusebenzisa ukuhlala ngaphandle kwendlu uma ehlala enhlabathini enamatshana.
Lo mata wona unonxande kuphela, azikho izikwele. Ngabe umzimba kaZinhle wemboze onxande abangaki? Ungakwazi ukusebenzisa indlela kaZinhle yokubala ukuthi umata unonxande abangaki behlangene?
Ngelinye ilanga ekuseni, uZinhle uyovakashela ugogo wakhe. Emthonjeni, ubona amakhosikazi amathathu athwele izigubhu ezinkulu emakhanda.
Uyamangala ukuthi kazi mangaki amalitha amanzi amumathwa isigubhu ngasinye. Ucabangani wena?
Uyafika uZinhle kwagogo wakhe. "Hawu! Waze wangimangaza Zinhle! Ufike kahle, uzobona nesigubhu engiqeda kusipenda. Ucabangani ngaso?"
"Hmm, yaze yamihle le mibala, gogo! Kodwa izimo zakhona zibukeka zibukhali!"
Ungasilingisa kanjani lesi simo? Ngabe lezimo zifana nezikwele, onxande noma esinye isimo?
Endleleni eya ekhaya, uZinhle walahla indlela. Wayengasazi kahle ukuthi ukuphi, ngakho-ke wahlala ngaphansi kwesihlahla esasinomthunzi ukuze aphumule.
UZinhle wagqolozela amahlamvu ayenyakaza emagatsheni kulesi sihlahla. Kwakunezimo zokukhanya, izimo zezithunzi, yonke indawo emzungezile. Ngokushesha wazumeka, walala.
Wathi lapho evuka, wafikelwa wukwesaba. Wafisa ukuba sekhaya nomama wakhe, ephumule ematini wakhe.
Khona lapho, kwathi cababa inyoni encane eluhlaza sasibhakabhaka esihlahleni aphumula ngaphansi kwaso. Yatshiyoza isithi, "Sawubona Zinhle! Ngabe ulahlekile? Ngilandele. Ngizokusiza ukuthola indlela yakho!"
"Habe! Inyoni ekhulumayo? Yazi negama lami! Ngineqiniso izongisiza ukuthola indlela yami ngifike ekhaya," ecabanga.
UZinhle wayilandela inyoni, kwaze kwaba bafika empambanandlela. Kunendledlana eya ngakwesokunxele, enye ngakwesokudla. Uzothatha yiphi indlela manje?
Wabheka phezulu. Ngabe yiqiniso lento ayibonayo? Inyoni iphethe ucezwana lomata wakhe ngomlomo wayo! Yasho yandizela ngasesandleni sokudla ukukhombisa uZinhle indlela. Yaqathaza ucezwana lolo lomata yathi shwi, yahamba.
UZinhle walandela umkhondo, walandela indlela ihamba izombeza yehla nentaba. Khona lapho wezwa uhleko olukhulu nokucula kwamakhosikazi esigodi sakhe.
Nabaya laphaya, nomama wakhe uphakathi kwabo, bayadansa, bayahleka, bonke bajabule ukuthi uZinhle useze wafika ekhaya.
Umama kaZinhle wamendlalela umata wakhe ukuba ahlale, wamupha nendishi yakhe eyayinokudla okufudumele.
UZinhle waqala ebala zonke izikwele ukuqinisekisa ukuthi zonke zazikhona ziphelele. Ngesikhathi ebala, wayeqinisekile ukuthi ubona ucezwana lomata olwalukhishiwe lwabuye lwaphindiselwa.
Kwaba sobala ukuthi wayengaphuphi. Inyoni encane eluhlaza sasibhakabhaka, ekhulumayo, yayiyinyoni yangempela!

