Usuku luka Lynne lokuzalwa
Leo Daly
Marleen Visser

ULynne, umkhulu Kheswa no Anton bamatasa balungisela iphathi yosuku lokuzalwa kwakhe uLynne.

1

U-Anton no Lynne bazobhaka ikhekhe. Umkhulu Kheswa ubafundela izinto abazozidinga ukwenza leli khekhe.

2

ULynne athi, "Masihlanganise zonke lezi zinto endishini enkulu."

3

Nangu u-Anton ehlanganisa konke. Kwenzeke inyakanyaka.

4

Kuzwakale umkhulu ethi, "Inhlama yekhekhe iyasinda manje."

5

Aqhubeke athi, "Nabangani bakho sebefikile."

6

U-Anton wayecabanga ukuthi ngoba isipho sokuqala sisinda nje, yingoba sasisikhulu.

7

Kwakungumcamelo kodwa ulula, ungasindi.

8

U-Anton wayecabanga ukuthi isipho esilandelayo sizoba lula ngoba sasisincane.

9

Kwakuyitshe elipendiwe futhi lalisinda.

10

Izingane zathi ikhilogremu yetshe ilingana nekhilogremu yezimpaphe.

11

Ikhekhe likaLynne lalishe langqongqa.

12

Wakhathazeka kakhulu uLynne.

13

U-Anti Naledi wathi ku-Anton makaqagele esakhe isipho sisinda kangakanani.

14

U-Anton wathi, "Isipho sakho sisinda okulinganayo nekhekhe elishileyo."

15

Wonke umuntu endlini wahalalisela uLynne, "Usuku olumnandi kuwe!"

16
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Usuku luka Lynne lokuzalwa
Author - Leo Daly
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Marleen Visser
Language - isiZulu
Level - First sentences