Indaba kaJojo omncane
Leo Daly
Marleen Visser

"Nginenkinga enkulu," kukhala induna uSgujana.

1

"Ngilahlekelwe uphondo lwami lwasentwasahlobo," iqhubeka ikhalaza induna uSgujana.

2

UJojo omncane athembise, "Ungakhathazeki, ngizolubheka uphondo lwakho. Ngizoyobheka laphaya endlini kaBaba uNxande."

3

UJojo noBaba uNxande babheka yonke indawo, kodwa lutho abangaluthola uphondo.

4

UBaba uNxande waze wathi, "Ake uyobheka laphaya kuMama uNxantathu."

5

Nanguya uJojo eyodlula endlini yakhe eyophuza amanzi abandayo, kade ehamba, womile.

6

Wasuka lapho waya kuDudu Dayimane wamcela ukuba ahambe naye.

7

"Akukude, kodwa-ke ngizopakisha ukudlana esingahamba nako," kuchaza uDudu.

8

UDudu no Jojo sebelambile, bahlala phansi emazansi nentatshana ewunxathathu, badla, bathi ukuphumula kancane.

9

Kwathi sebekhuphuke ibanga eliyingxenye yentaba, babona ulwembu lwesicabucabu oluyisimanga nje.

10

UJojo no Dudu baze bafika endlini kaMama uNxantathu.

11

UMama uNxantathu wabaphendula, "Cha, induna ayishiyanga uphondo lwasentwasahlobo lapha."

12

Kodwa-ke, uMama uNxathathu wayazi lapho bengaluthola khona uphondo lwasentwasahlobo.

13

Kwase kuhlwile ngesikhathi befika emzini wenduna uSgujana.

14

Umama uNxantathu wakhomba induna, "Ingani nalu uphondo ekhanda lakho."

15

Induna uSgujana yanika uJojo uphondo ukuba alushaye. Bonke bajabula.

16
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Indaba kaJojo omncane
Author - Leo Daly
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Marleen Visser
Language - isiZulu
Level - First sentences