

"Kulo nyaka sizoba nesipesheli sombungazo womndeni," kumemezela umama Polygon.
"Mama, kuza obani? Ngethemba wonke amaPolygon azoba khona. Ngikhumbule abazala bami kakhulu," kusho uKhosi. "Mina ngikhumbule umndeni wami wamaQuadrilateral ngale ndlela," kumamatheka umama.
"Kade sabagcina oRectangle, noSquare noRhombus," kubala ubaba Polygon. "Ungakhohlwa phela ukuthi sebaba nabantwana abathathu manje," kusho umama ekhumbuza ubaba.
"Umzala UScalene yena nabantwana bakhe abezi yini?" kubuza uVusi. Ngokushesha, umama waphendula, "Bazohlalelani, bayeza, bangumndeni wamaPolygon nje, noma bengewona amaQuadrilateral.
Abantwana bona bawumndeni wama Isosceles nama Equilateral. "Oh yebo, umndeni wamaTriangle!" Kumemeza uVusi. "Kodwa kunento engimangazayo, bafana kakhulu namaQuadrilateral."
"Hhayi bo abafani, umndeni wama Triangle unamacala amathathu, kanti owamaQuadrilateral unamacala amane, njengami," sekuchaza umama."
Khona manjalo kwanezelela ubaba, "Awazi ngijabule kanjani ngoba nabanye abazala bami abathathu nabo bazobe belapha, oPentagon, noHexagon noOctagon. Phela bawumndeni wethu thina maPolygon."
"Baba, kungani sibizwa ngamaPolygon?" kubuza uVusi. "Phela sibizwa ngokuthi singamaPolygon ngoba siyizimo ezenziwe yimigqa eqondile futhi isimo sethu sivalekile, njengoba ubona nje. Yonke imigqa yethu iyanikezelana ihlangane. Abazala bethu oTriangle, oQuadrilateral, oHexagon kanye noPentagon bona bonke bazobe bekhona lapha," kuchaza ubaba.
"Baba, uthe konje uOctagon uyeza? Naye uyisihlobo sethu?" kubuza iqhalaqhala elinguKhosi. "Nakanjani ndodakazi, ngokumbheka nje uyombona ukuthi ungomunye womndeni wethu. Kufanele ubhekisise ukuthi abazala bakho banezinhlangothi ezingaki noma amacala amangaki, ngale kwaloko, ngeke wawubona umehluko.
Umzala uOctagon unamacala ayisishiyagalombili yingakho igama lakhe liqalisa ngoOcta- omele isishiyagalombili," kuchaza ubaba.
"UPentagon no Hexagon bonake?" kubuza uVusi. "Umzala uHexagon unamacala ayisithupha, igama lakhe liqalisa ngoHexa- omele isithupha," kuphendula uBaba.
Wanezelela uKhosi, "Opentagon banamacala amahlanu. Uthisha wethu usitshelile ukuthi igama elithi Penta- lisho okuhlanu." Kanti nomama akangafuna ukusalela kulezincazelo, wezwakala esethi, "Nikhumbule, igama elithi Tri- lisho okuthathu, elithi Quad- lisho okune. Leziqalo zenza umzala uTriangle ahluke ku Quadrilateral."
"Baba, uHeptagon unamacala amangaki?" kubuza uVusi. Wavele wahleka ubaba wabe esethi, "Ngeke ngikutshele mfana wami. Khumbula ukuthi sathatha isithombe nabo emshadweni kamalume wakho. Ngifuna ukuthi uyobheka leso sithombe-ke, usibhekisise kahle, bese uzongitshela ukuthi yini oyiqaphelile kuye."
UVusi waqonda esithombeni ngokushesha wabe esemphendula ubaba. "UHeptagon unamacala ayisikhombisa!" UKhosi wezwakala esenezelela ethi, "Yebo! Khumbula Vusi uthisha wethu wasitshela ukuthi igama elithi Hepta- limele isikhombisa."
"Nkosikazi, uyabona abantwana bethu bahlakaniphe kangakanani? Make sibone ke bantabami, uDeca- yena umele okungaki?" kubuza ubaba. UVusi no Khosi bamemeza kanyekanye, "Okuyishumi! Okuyishumi baba."
"Kunjalo ngempela bantabami, kungakho abazala benu bebizwa ngoGecagon. Ngeshwa-ke, ngeke aphumelela ukuza ngoba ukhethwe ukuba amele isikole eqenjini lokubhukuda. Ambalwa amaDecagon esikoleni sabo," washo umama echazela abantwana.
Khona manjalo base bebuzile abantwana, "Mama nobaba, sicela ukumema umngane wethu kwamakhelwane." Nempela abazali bavuma ukuthi uCircle wamukelekile ukuhlanganyela embungazweni womndeni.
Kuthe besakhuluma, bezwa sekungqongqozwa emnyango wangaphambili. Ubaba wasukuma eyobheka, "Ha! Umndeni wamaQuadrilateral sewulapha! Ngenani namukelekile!" kusho ubaba ebamukela.
Wonke umndeni wasukumela phezulu uyobingelela oSquare, noRectangle kanye nabantwana abathathu bakwa Rhombus. AmaQuadrilateral ayejabulele ukuthi yiwo afike kuqala.
Umndeni wama Triangle wezwakala nawo sewungqongqoza emva kwamaQuadrilateral.
OScalene, noIsosceles noEquilateral nabo balandela, bangena bekhathele emva kohambo olude. Okukhulu nje, babejabulele ukuba neminye imindeni.
Ekugcineni, kwafika oOctagon noHeptagon nemindeni yabo, amaPentagon namaHexagon amabili. Babeze nano Square abathathu.
Khona lapho kwezwakala uOctagon esethi, "Ngethemba ukuthi anizuphatheka kabi ukuthi size nabantwana bamaQuadrilateral abathathu. Abakaze bavakashele edolobheni elikhulu."
"Abangane nomndeni bahalale bamukelekile lapha ekhaya," kumamatheka umama, esho ekhiphela zonke izingane ngaphandle ukuba ziyodlala khona.
"Sizodlala muphi umdlalo?" kubuza uVusi. Baphendula abantwana bememeza ngenjabulo, "Masidlaleni umdlalo wokwendlala izimo zethu ezahlukene, sizihlanganise kungabi nasikhala, sihlobise ngazo iphansi."
Bonke abantwana bomndeni wamaPolygon baqala ukudlala umdlalo. "Nami ngicela ukudlala nani lo mdlalo." kusho uCircle. Kwaphendula uVusi ngozwelo, "Phephisa Circle mngane wami, awukwazi wena ukwendlala isimo sakho udlale lo mdlalo." Khona manjalo kwanezelela uSquare ethi, "Awufani nathi wena, isimo sakho asifani nathi, awuyona iPolygon awunamacala amaningi, ngeke ukwazi ukudlala lomdlalo."
Waphatheka kabi uCircle wazibona engamukelekile, ekhishelwe ngaphandle. Akubi nobumnandi emdlalweni uma omunye wenu engamukelekile kulowo mdlalo.
Kwezwakala uVusi esethi, "Lalelani, masidlaleni omunye umdlalo ukuze noCircle ezokwazi ukudlala naye." Emva kwaloko amaPolygon noCircle badlala ndawonye ngenjabulo baze babizelwa amanandinandi ababephekelwe wona.

