USikhukhukazi uqiliga uKhozi
Nathan Higenyi
Rob Owen

Kudaladala, uSikhukhukazi noKhozi babengabangani. Ngelinye ilanga, uKhozi wafica uSikhukhukazi ephumule phansi kwesihlahla nezikhwama zakhe.

USikhukhukazi wayemi ngomlenze owodwa.

1

UKhozi wabuza uSikhukhukazi, "Uphi omunye umlenze wakho?"

2

USikhukhukazi waphendula wathi, "Umphathisitolo uwunqumile, wase enginika le mpahla esikhundleni sawo."

3

UKhozi wabuza, "Ngingakwenza nami lokho?" UKhozi naye wayefuna izimpahla.

USikhukhukazi wavuma.

4

Engazelele lutho umphathisitolo, kwafika uKhozi.

"Ngicela unginqume umlenze nami bese unginika izimpahla." wavuma umphathisitolo.

5

Khele, khele, khele kukheleza uKhozi ebheke ekhaya.

Wayejabule nokho ngempahla ayeyinikwe umphathisitolo.

6

Wathi efika ekhaya uKhozi, wafica uSikhukhukazi ehamba ngayo yomibili imilenze yakhe.

"Mameshane!"

7

Wathukuthela uKhozi wagxumela uSikhukhukazi. Zaya kuSikhukhukazi.

Yingakho uKhozi ehlala ehubha amachwane kaSikhukhukazi. Uma eke walibamba, uyalidla.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
USikhukhukazi uqiliga uKhozi
Author - Nathan Higenyi
Translation - Pumla Mdontswa, Zanele Zuma
Illustration - Rob Owen
Language - isiZulu
Level - First paragraphs