

Kusadliwa ngoludala, kwakukhona indoda eyayihlala nonkosikazi wayo nezingane.
Umama wekhaya nguyena owayephekela umndeni wakhe ukudla zonke izinsuku. Wayepheka qede adeke itafula bonke badlele etafuleni.
Umnumzane wekhaya nguyena owayehlukanisela umndeni inyama.
Wayethi enganeni yabo endala, "Yimina engimdala, ngakho ke kufanele ngidle inyama eningi. Thatha nansi eyakho. Uzolinda uze ube mdala ngaphambi kokuthi uthole eningi."
Wayephinde ahlephulele ingane elandelayo bese ethi, "Ngimdala, ngakho ke kufanele ngidle inyama eningi. Uzolinda uze ube mdala njengami ngaphambi kokuthi udle inyama eningi."
Wayesho kanjena kuzo zonke izingane. Uthunjana yena wayenikezwa iqashana elincane kunawo wonke amanye.
Ubaba wayezehlukanisela yena nonkosikazi amaqatha amakhulu. Izingane zazithula nje zingakhonondi ziqhubeke nokudla.
Yedlula iminyaka izingane zakhula. Abazali bazo baqala ukuguga. Babengasenawo amandla okuzenzela izinto.
Izingane yizona ezazishintshana ngokuphekela ukudla abazali bazo abase begugile.
Ngelinye ilanga sekushaye isikhathi sokudla, indodakazi endala yaphaka ukudla njengokwejwayelekile.
Yanikeza ubaba wayo iqashana lenyama elincane, nomama wayo yamnika iqashana.
Yathi kubazali bayo, "Benilokhu niyidla eyenu inyama, manje sekuyisikhathi sokuthi nathi sidle inyama njengoba sesikhulile nje."
Yanikeza abafowabo nodadewabo izigaxa ezinkulu zenyama.
Ubaba wakhumbula konke ayekwenza kubantwana bakhe besebancane. Abazali bavumelana ngokuthi lokhu okwenziwa abantwana kufanele.
Baxolisa kakhulu ngalokho abakwenza. Abantwana bathembisa ukuthi ngeke baphinde benze iphutha elinjalo kwababo abantwana.

