

Emandulo kwakukhona imbuzi, igama layo kwakungu Bhoklolo. UBhoklolo-ke wayeyinkosi yezilwane nezinyoni ezifuyiwe emakhaya ngaleso sikhathi. Wayephila impilo emnandi, ezicabangela yena isikhathi esiningi. Langa limbe, uBhoklolo njengenkosi, wamema zonke izilwane nezinyoni ukuba zize emhlanganweni ayewubizile.
"Zihlobo zami, nginibize ngoba ngibe nephupho," kusho uBhoklolo. Izilwane nezinyoni zathula zathi cwaka zinanela le nkulumo yenkosi yazo.
Aqhubeke uBhoklolo athi, "Ngiphuphe kungasekho kudla namanzi ezweni lethu. Izihlobo zethu eziningi bese zifile." Zathi izilwane zingezwa ngaleli phupho, zakhathazeka kakhulu. Kwezwakala ikati selibuza, "Pho, sizokwenzenjani?"
Isikhukhukazi nedada bathi bona banecebo. "Yilowo nalowo kithina makalethe ukudla sizokugcina lapha enqolobaneni yenkosi ukuze sibe nokudla." Zonke izilwane zavumelana nalo mbono.
UBhoklolo inkosi yabe seyishaya umthetho yathi, "Tholani izintambo enizobopha ngazo lezo zilwane ezizohluleka ukuletha ukudla enqolobaneni. Lezo zilwane niyoziletha lapha kimi."
Okudidayo, emva kwalo mhlangano kwabe sekuvela ukuthi isikhathi sokukhethwa kwenye inkosi ezobusa izilwane ezifuyiwe sabe sesiseduze. Izilwane zonke zahlangana, zakhetha inkosi entsha, zakhetha ikati njengenkosi esizophatha.
Waphatheka kabi uBhoklolo, akazange amukele enhliziyweni yakhe ukuthi ikati yilo elizoba inkosi yezilwane. Wezwakala esethi, "Yimina inkosi yezilwane lapha, ayikho enye inkosi, futhi NGEKE ngalalela esinye isilwane mina!"
Izilwane zawugcina umthetho wokuletha ukudla enqolobaneni yenkosi. Zahambisa ukudla enkosini entsha - IKATI. UBhoklolo yena akazange ahambise lutho enqolobaneni. Khona manjalo inkomo yayisibeka umbono wayo, "Ngesikhathi uBhoklolo eyinkosi, besimhlonipha sonke. Manje, yena akasafuni ukuhlonipha inkosi yethu entsha. Sizomenzenjani, madoda?"
Zonke izilwane zazithukuthele kabi isenzo sikaBhoklolo. Kwezwakala zikhononda, "Uyazi uBhoklolo ucabanga ukuthi uhlukile noma ungcono kunathi."
Kwaqhamuka inja isola uBhoklolo, imbuzi seyithi, "Ngangimsiza eseyinkosi, ngingalali ebusuku, ngimgada, ngimsiza. Manje usezibona ukuthi ungcono kunathi."
Nemvu nayo yanezezela, "Mina ngangimsiza ngovolo wami wembathisa izingane azange zigodole."
Nengulube nayo yaqhamuka ibeka eyayo indaba. "Ngesikhathi eyinkosi, wayetshela abangani bakhe ukuthi mina ngidla kakhulu. Okumangazayo, ngangihlala ngisebenza emasimini akhe njalo, ngihlakulela ummbila wakhe namabele. Namhlanje, ngoba engaseyona inkosi, akafuni ukusebenza."
Imvu yona yathi nje, "Utheni uBhoklolo ngawe ngulube? Uthe udla kakhulu? Ubecabanga ukuthi uyohlala eyinkosi ungunaphakade?" Yaqhubeka imvu yathi, "UBhoklolo yena, kufanele azi nje ukuthi akaseyona inkosi. Angazi kungani ezibona ebaluleke ngale ndlela."
Zonke izilwane zamane zafa insini, kuyileso naleso sithi, "He! He! He! Soke sibone." Zonke zavumelana ngokuthi uBhoklolo yena uzokuhambisa ukudla enkosini entsha, ethanda engathandi. Inkosi entsha, ikati, yambizela esigodlweni sayo uBhoklolo.
Ngesikhathi ezinye izilwane seziyomlanda uBhoklolo ngoba inkosi yayimfuna, zamthola eqhwakele esitulweni sakhe. Inkomo yamtshela ukuthi inkosi, ikati, itheni. "Ubani? Mina? Angeke ngiye kuleyo nkosi yenu. Yimina inkosi. Uma uyinkosi, uyinkosi njalo," kuphendula imbuzi, uBhoklolo.
Imvu yasukumela phezulu, yasho ithatha intambo iyiphakamisela phezulu, yathi, "Bheka lapha wembuzi, uyakubona loku, sizokubopha ngalezi zintambo sikudonsele enkosini."
Kwasondela inkomo yayigaxa embuzini intambo yaphinde yayibophela emsileni wayo. Yasho idonsa ngamandla. Ezinye izilwane zona, zazikhuthaza inkomo lapho idonsa. Uyothi wabonani, izimvu, amadada, izinja izingulube, wena zinkukhu zinanela lapho inkomo idonsana nembuzi. Zonke zazimemeza ngezwi linye, "Hambisa le mbuzi enenkani enkosini yethu. Kuzophela yonke le nkani yayo."
Nanamhlanje, uye ubone izimbuzi uma zidonswa ziyazimelela, zidaze inkani. Mhlawumbe zisacabanga ukuthi uzidonsela enkantolo yenkosi yezilwane ukuyothetha icala layo.

