Ukucula iqiniso: Indaba ka Miriam Makeba
Jade Mathieson
Louwrisa Blaauw

Kudala edolobheni elikhulu laseGoli, kwazalwa umntwana wentombazane. Lowomntwana kwabe kuyimi. Umama wangibiza uMiriam. UMiriam Makeba.

1

Umama wabe eyisangoma, kodwa wayebuye ahlanze imizi yabantu. Kwakunzima kumama wami ukuzuza okwanele ukuze siphile sobabili. Waqala wadayisa utshwala bokuzenzela ukungenisa imali.

2

Umthetho wezwe wawungavumi ukuba kudayiswe utshwala bokuzenzela. Amaphoyisa abopha umama izinyanga eziyisithupha. Nganginamalanga ayishumi nesishiyagalombili ubudala, ngimudinga umama wami. Noma ngangiyingane kodwa ngaya ejele.

3

Njengengane encane yentombazane ngangikuthanda ukucula. Sengimdadlana, ngasiza umawami ukuhlanza izindlu. Ukucula amaculo ngisebenza kwakwenza umsebenzi wami uhambe ngokushesha nezinsuku zami zikhanye. Ukucula kwakungijabulisa ngendlela engeke ngikwazi ukuyichaza.

4

Ngangicula esontweni, futhi lokho kwakujabulisa nabanye. Umculo unamandla okuhlanganisa abantu. Uma sesicula sasiba nesibindi namandla.

5

Abantu babethi izwi lami liyisipho namaculo ami akhethekile. Ngangicula nabanye abaculi futhi umculo wethu wawuzwakala umhlaba wonke.

6

Ikhaya lami kwakuyi Sophiatown, indawo yamasiko nomculo. Umculo nokudansa kwakuletha ubunye nokuthula eSophiatown. Kodwa ababusi bezwe ngalesosikhathi babengathandi ukubona lokho kuxhumana. Labo babusi babengathandi ukubona abamnyama nabamhlophe bengabangani.

7

Ngangazi ukuthi kwakungalungile ukucwasa abantu ngokwebala labo. Angizifihlanga izinkolelo zami, futhi labo babusi bangixosha ezweni lami. Ngesikhathi ngicula eMelika, ngatshelwa ukuthi ngeke ngibuyele ekhaya.

8

Abantu umhlaba wonke baluzwa udaba lwami. Amaculo ami nendaba yami kwasiza abaningi ukuthi babone ukuthi alikho iqiniso eNingizimu Afrika kulabo abanebala elimnyama. Nganquma ukuqhubeka nokucula ngikhulume iqiniso ngezwe lami noma kanjani.

9

Umhlaba wawuwuthanda umculo wami futhi ngangemukelekile emazweni amaningi. Ngangizuza izindondo ngiculele nabantu ababalulekile umhlaba wonke. Impilo yami yayiyinhle, kodwa ngesinye isikhathi kwakukhona okwakushoda. Ngangingeke ngikwazi ukucula ezweni lami, futhi abantu bakhona babengakhululekile.

10

Usuku olumnandi lwafika lapho uNelson Mandela eseba umongameli waseNingizimu Afrika. Kwaphatha abantu abasha nemithetho yengcindezelo yaphela. Ekugcineni ngabuyela ekhaya nginethemba elisha enhliziyweni yami.

11

Emva kwalokho ngasengikwazi ukucula ezweni elikhululekile elingenangcindezelo. Abantu abahlukene ngokwebala bawuthokozela ndawonye umculo. Ngasiza ukwenza lokhu kwenzeke ngoba nganginesibindi futhi nginamandla. Ngacula iqiniso kuwo wonke amaculo ami.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ukucula iqiniso: Indaba ka Miriam Makeba
Author - Jade Mathieson
Translation - Umlazi Foundation Phase teachers
Illustration - Louwrisa Blaauw
Language - isiZulu
Level - First paragraphs