

Kwakukhona insizwa eyayibizwa ngokuthiwa nguKumbana.
Wathi eseneminyaka engama- 25, wathandana nentombi eyayibizwa ngoZangane.
Bathandana iminyaka emithathu kodwa uKumbana wayengenayo imali yokumshada uZangane.
Kwathi ngelinye ilanga uZangane wathola ukuthi usekhulelwe ngoba babengayisebenzisile into yokuvikela ukukhulelwa.
Bathola umntwana wentombazane, bamqamba ngokuthi uKheri.
UKumbana wayesafunda, uZangane esebenza edolobheni elikude, lokhu okwenza ukuthi bahlale ngokuhlukana.
Emva kwesikhashana, uZangane wathola isoka elisha. Leza lazohlala naye nentombazanyana yakhe encane.
UKhumbana waphatheka kabuhlungu. Wakhala, wakhala ngoba wayesehlukaniswe nendodakazi yakhe.
Sahamba isikhathi, noKumbana naye wathola intombi entsha. Bahlala ndawonye kodwa abazitholanga izingane.
UKheri akazange amthande ubaba wakhe omusha. Wayengajabule neze futhi wayejwayele ukumshaya.
Kwathi eseneminyaka eyi-12, umama wakhe wathatha isinqumo sokumbuyisela kubaba wakhe omzalayo ukuze ahlale naye.
UKumbana noKheri bakujabulela futhi ukuba ndawonye.

