Isijeziso
Adelheid Marie Bwire
Melany Pietersen

Langa limbe umama wasiphathela izithelo eziningi.

1

"Sizozidla nini izithelo?" bebuza kumama?

"Sizozidla ebusuku izithelo," kuphendula umama.

2

Umfowethu uThemba unomona. Wayeziluma zonke izithelo azishiye engaziqedile.

3

"Buka nje ukuthi wenzeni uThemba!" kusho umfowabo omncane.

"UThemba ugangile futhi unomona," kusho umfowabo.

4

Umama wamuthukuthelela uThemba.

5

Sonke samuthukuthelela uThemba.

Kodwa akakhombisanga ukuzisola uThemba.

6

"Uzomjezisa yini uThemba?" kubuza umfowabo omncane.

7

"Themba, uzozisola khona maduze nje," kuxwayisa umama.

8

UThemba uzizwa engaphilile manje.

9

"Isisu sami sibuhlungu," esho enyenyeza.

10

Umama wayekulindele loku okwenzakalayo.

Izithelo ziyamujezisa uThemba!

11

Emva kwesikhathi waxolisa uThemba.

"Ngeke ngiphinde ngibe nomona," esho ethembisa. Samukholwa sonke.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Isijeziso
Author - Adelheid Marie Bwire
Translation - Foundation phase teachers Umlazi
Illustration - Melany Pietersen
Language - isiZulu
Level - First sentences