

Lena yindaba yomgcini nesikhungo sezilwane eziyizintandane.
Inyanga edlule kwakuyinyanga ematasatasa esikhungwini.
UNomusa ononyaka waba ngowokuqala ukufika. Wayezacile futhi elusizi.
Kodwa ngokukhulu ukushesha uNomusa wavele waqina.
Waqala ukudlala nezinye izilwane.
Ngelinye ilanga ngayo leyo nyanga, kwathi cababa indiza enophephela emhlane kuleso sikhungo.
Kundiza enophephela emhlane kwakunendlovu encane phansi kwengubo yokulala enkulu.
UNdiwa wayengaphansi kwengubo yokulala.
Wayenezinsuku ezinhlanu ezelwe.
Umgcini wamncelisa ibhodlela.
Ngobunye ubusuku, wonke umuntu wavuswa ukufika kuka-Ambiya.
U-Ambiya wayenezinyanga ezinhlanu.
Wayebuthakathaka emva kohambo lwakhe olude.
Ngenxa yentamo yakhe ende, umgcini kwakufanele aliphakamisele phezulu ibhodlela ukuze akwazi ukumncelisa.
Izintandane ezagcina ukufika ngaleyo nyanga kwakungamawundlu ayelambile oKopi, noKepi, noKeji.
Umgcini nabasizi bakhe babezithanda zonke izilwane, ngisho nalezo ezigangile.
Abantu bakulesi sikhungo basebenza kanzima.
Bathemba ukuthi ngelinye ilanga izintandane ziyokwazi ukuzinakekela ngokwazo. Uma kunjalo ziyokwazi ukubuyela endle.

