

UMondli noMbali babehlala edolobheni nobaba wabo. Babelangazelela amaholide. Hhayi nje ngoba izikole zazivaliwe, kodwa ngoba babevakashela ugogo wabo. Wayehlala edolobhaneni eduze nedamu elikhulu.
UMondli noMbali babejabule ngoba kwasekuyisikhathi sokuvakashela ugogo wabo futhi. Ngobusuku bangayizolo, bapakisha izikhwama zabo balungisela indlela eya edolobhaneni lakhe. Kwakungavumi balale futhi baxoxa ubusuku bonke ngeholide.
Ngakusasa entathakusa baqonda edolobhaneni behamba ngemoto kababa wabo. Badlula izintaba, izilwane namaplazi. Babehamba bebala izimoto becula amaculo. Emva kwesikhathi, izingane zakhathala zalala.
Ubaba wavusa uMondli noMbali lapho befika edolobhaneni. Bathola uNobuntu, ugogo wabo, ephumule ocansini phansi kwesihlahla.
UNobuntu wabemukela emzini wakhe ezungeza indlu ecula futhi edansiswa injabulo. Abazukulu bakhe babethokozile ukumupha izipho ababebuye nazo edolobheni. "Qala ngokuvula esami isipho," kwasho uMondli."Hhayi, esami kuqala!" kwasho uMbali.
Emva kokuvula izipho, uNobuntu wababusisa abazukulu bakhe. UMondli noMbali baphuma bayodlala. UNobuntu wasala nendodana yakhe baxoxa ngomndeni nangezinye izindaba.
Sekuhlwile, uMondli noMbali babuyela endlini beyothola isidlo sakusihlwa. Basebozela, bengakaqedi nokudla. Ngakusasa, uyise wezingane wabuyela edolobheni washiya izingane noNobuntu.
UMondli noMbali basiza ugogo wabo ngokwenza imisebenzi yasendlini emincane. Bakha amanzi batheza izinkuni. Bathatha amaqanda ezidlekeni zezinkukhu babuye bakha imifino engadini.
Ngelinye ilanga ekuseni uMondli wakhiphela izinkomo zikagogo edlelweni. Zagijima zangena eplazini likamakhelwane. Umlimi wathukuthela wasonga ukuzibopha zingaphumi ngoba zidle izitshalo zakhe. Emva kwalokhu uMondli waqinisekisa ukuthi azisophinde zingene enkingeni.
Ngelinye ilanga izingane zahamba noNobuntu zaya emakethe. Wayenetafula lapho wayethengisa khona imifino, ushukela nensipho. UMbali wayethanda ukutshela abathengi inani lezinto azithengisayo. UMondli yena wayesonga impahla ethengwe abathengi.
Kodwa amaholide asheshe aphela. Kwasekufanele ukuthi izingane zibuyele esikoleni edolobheni. UNobuntu wapha uMondli ikepisi kanti uMbali wamuphi ijezi. Wabapakishela umphako wendlela ebuyela ekhaya.
Babengasafuni ukugoduka, lapho ubaba wabo efika ezobalanda. Bancenga uNobuntu ukuba ahambe nabo aye edolobheni. Wamoyizela wathi, "Sengimdala kakhulu ukuthi ngingahlala edolobheni. Kodwa ngiyobe ngilindele ukuthi ningivakashele futhi ngeholide elizayo."

