

Kwakukhona indoda nenkosikazi yayo behlala eduze nechibi lomlingo. Lendoda nenkosikazi yayo babengabantu abalungile, kodwa benenkinga yokungatholi abantwana.
Ngelinye ilanga bathatha isinqumo sokuya echibini lomlingo, beyocela inkosazane yechibi ukuba ibaphe umtwana. "Inkosikazi yami ayibatholi abantwana, sesizame iminyaka eminingi kodwa asiphumeleli. Sizocela kuwe ukuba usiphe umtwana esizomnakekela." Indoda icela kwi nkosazane yechibi.
"Kungani kumele nginiphe umtwana kodwa ningangiphathelanga umnikelo" kubuza inkosazana yechibi. Indoda yakhipa umgexo omuhle ekhukhwini layo, kwakuyisipho sayo eyeyisithanda kakhulu. "Umnikelo wami umgexo kamama wami," kusho indoda. Inkosazane yabanika umtwana eyamukhipha ekujuleni kwechibi.
Umtwana wayebukeka emuhle. "Ngiyanixwayisa, umtwana lona yintandokazi yami, uma nike namhlukumeza noma ngayiphi indlela, uyonilahlekela unomphela," kusho inkosazane yechibi. Indoda nenkosikazi yayo babe jabule kakhulu base betha umtwana igama elithi ngu Buhle.
Iminyaka eminingi indoda nenkosikazi yayo bejabule kakhulu. UBuhle naye wayejabule, wakhula waba yinkosazana enhle. Indoda nenkosikazi yayo babemphethe kahle, wonke amadoda endawo ayazi ngobuhle buka Buhle. Zonke izinsuku ubaba wakhe wayewabona amadoda ayefuna ukushada ndodakazi yakhe, kodwa wayengavumi.
Ngelinye ilanga ibhungu elithile lafika nezinkomo eziningi, indoda nomkoyo babehluleka nakukuzibala. Lendoda yayizolobola uBuhle ngehloso yokushada. Ubaba wavuma ngenxa yomona. Emva kwenyanga uBuhle washadana nalelibhungu. Bahamba bayohlalakwesinye isigodi. Phambi kokuba bahambe ubaba watshela umyeni ngeziyalo zenkosazane kodwa umyeni kaBuhle wavele wahleka.
Umdeni wasemzini kaBuhle wawumsebenzisa njengesigqila, wayesebenza ubusuku nemini. Ngamanye amalanga babemuphekisa bangamvumeli ukubaadle ukudla akuphekile, alala engadlile. Zonke izimpahla zika Buhle ezinhle zathathwa ngudedewabo wasemzini, yena egqoka ezindala eziklebhukile. Izinwele zakhe ezindle bazigunda. Wayesehlala edumele.
Ngelinye ilanga uBuhle waqala ukukhala. Ikhaya lakhe lase ligcwele izinyembezi, zageleze zagcwale ibulazi.
Iziyembezi zakhe zegeleza aze zafika echibini lamlingo. Inkosazane yabona ukuthi lezi izinyembezi zendodakazi yayo uBuhle. Wabe eseyilanda wayi buyisela ekhaya layo echibini lomlingo.
Indoda nomdeni wayo bamuka nezikhukhula wafa. Abazali baka Buhle balahlekelwa izinto zonke ezingamagugu kubo Kanye nezinkomo zelobolo lika Buhle ngezikhukhula. Umama konke ngedodakazi yebo bayithanda ngenxa yomona. Babuyel echibini lomlingo bayocela usizo, kodwa inkosazane yabagwinya phembi kokuba bakhulume.

