Uanansi Nenqe
Ghanaian folktale
Wiehan de Jager

UAnasi isicabucabu kanye noNogwaja babengabangani. Babehlala endaweni enokuthula ezintabeni. Unogwaja wayephethe epulazini elikhulu elinothile elinemifino nezithelo. Nokuba Unogwaja babehlanganyela ngesandla esivulekile nomngani wakhe, uAnansi bekangathokozile futhi enomona.

1

Ngakho uAnansi wacabanga iqhinga elihlakaniphile lokuthatha ipulazi laka Nogwaja. Ngokushesha unogwaja wasala ebampofu futhi engenakhaya. U Anansi waba ngumnikazi ozidlayo womhlaba wonke kanogwaja, imifino, nezithelo.

2

UAnansi waya emakethe ukuba athengise izithelo zakhe nemifino. Wenza imali kangangokuba waze wagcwalisa ubhasikidi omkhulu ngayo! Ngenye imali, wathengela umndeni wakhe ummbila, wawubeka phezu kwebhasikidi lemali.

3

UAnansi ephethwe yinjabulo eya ekhaya nebasikidi lakhe phezu kwekhanda lakhe, ecula. Wayecabanga zonke izinto wayezozithenga ngemali yakhe.

4

Endleleni laqala Ukukhemezela. Ngokushesha Ukukhemezela kwaphenduka kwaba yesindayo imvula. U Anansi isicabucabu washiya ubhasikidi wakhe eceleni kwendlela eya eyokukhosela ngaphansi kwesihlahla. Kodwa kusukela lapho waqhubeka waqaphelisisa kubhasikidi wakhe oyigugu.

5

Laqala ukuna kakhulu ngamandla, futhi uAnansi wathola ukubanda futhi wabamanzi. Ngakho wagijimela emgodini. "Mina ngizo hlala kulo mgodi ize ithulue imvula, "kusho uAnansi ngokwakhe. "okungenani imali yami ivikelwe wu- mbila engiwubeke phezu kwayo."

6

Emva kwesikhashana, uNqe ezindizela emhlabeni wabona ubhasikidi eceleni komgwaqo. Wabona ukuthi kwakukhona imali kanye nommbila kubhasikidi. Ngakho wamboza ubhasikidi nge wakhe amaphiko futhi walindela imvula ithule.

7

UAnansi wabona unqe ehlezi kubhasikidi wakhe. "Oh ngiyabonga, mngane wami, ngokuthiUvikele ibhasikidi yami, "washo kuNqe. "Uxolo, Anansi, angikuzwanga kahle? "kubuza unqe. Ibhasikidi lakho? Lo bhasikidi ungowami! Ngiwuthole lapha ohlangothini lomgwaqo!" uAnansi akakholelwanga ayekuzwa ngezindlebe zakhe! "Elami, ngisho kuwe!

8

Ngokuthukuthela, uAnansi wahamba wababikela ukweba kwinduna. Kodwa uNqe wathi kwinduna namadoda amadala wakhe, "Kwakungenzeka kanjani ukuba umuntu ashiye ubhasikidi ogcwele imali nommbila ungagadwangae mgaqweni?" "Kodwa bengiyibhekile ibhasikidi yami, "Kusho uAnansi. "Imali yami Kanye nommbila wami!" "Benginakekele ibhasikidi ngaphambi kokuthi wena ufike uthi eyakho!" kuphendula uNqe.

9

Lapho induna namalunga wayo bemamele kahle nhlangothi zombili, Baxosha uAnansi no Nqe. Baxoxa ngalendaba isikhathi eside. Ekugcineni bathola isinqumo.

10

Babiza uAnansi Kanye no Nqe futhi " Sikholelwa indaba ka Nqe, "base bathi. "Akasilo isela. Ubuzama ukuyenga okuthile okwakungesikho okwakho." uAnansi akazange akukholelwe ayekuzwa ngezindlebe zakhe! Waqhumuka wakhala.

11

Ngokushesha lezi zindaba zanda zokuthi ukuhlulelwa kwahamba ngokumelana noAnansi. Wathi ehamba, wezwa uNogwaja ehleka ehleka. UNogwaja waphindela emumva epulazini lakhe wakhulisa izithelo nemifino. Kepha uAnansi wabampofu futhi, engenabo abangani.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Uanansi Nenqe
Author - Ghanaian folktale
Translation - Mathlatsi Precious Maleka
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First paragraphs