UFudu uthola ikhaya lakhe
Maya Fowler
Katrin Coetzer

Ngelinye ilanga uFudu wayezihambela endle.

Wayefuna ndawo zonke. Wayesinga kude aphinde anciphise amehlwana otshanini.

Wase edlula uMnenke.

1

"Ngabe kukhona yini okufunayo?" kubuza uMnenke.

"Yebo, Mnenke, ngifuna indlu yami. Ngabe uke wayibona, kodwa?" kubuza uFudu.

2

UMnenke wathi, "Cha, angiyibonanga, kodwa ngizokusiza ukuthi uyifune!"

Wagibela egobolondweni likaFudu. UFudu waqhubeka nendlela noMnenke emhlane wakhe.

Bafuna, bafuna, kodwa yayingabonakali ndawo indlu. Ilanga lase liphezulu esibhakabhakeni.

3

Emva kwesikhashana bedlula inyoni, uNdlunkulu.

"Ngabe kukhona enikufunayo?" kubuza uNdlunkulu.

"Yebo, Ndlunkulu, ngifuna indlu yami. Ngabe uke wayibona, kodwa?" kubuza uFudu.

UNdlunkulu wathi, "Cha, angikaze ngiyibone, kodwa ngizonisiza ukuyifuna!"

4

UFudu ucingana nendlu yakhe.

5

Wabhula amaphiko akhe washaya wachitha. "Kodwa ushesha kakhulu, uyangishiya," kukhala uFudu.

UNdlunkulu wabuya. "Kulungile-ke, nami ngizogibela kuwe."

UFudu waqhubeka nohambo, kuqhwakele uMnenke noNdlunkulu egobolondweni lakhe.

6

Bafuna, bafuna futhi, kodwa lutho ukubonakala indlu. Ilanga lase lithe ukwehla esibhakabhakeni.

7

Emva kwesikhashana bedlula uBhungane. "Ngabe kukhona enikufunayo?" kubuza uBhungane.

"Yebo, Bhungane, ngifuna indlu yami. Ngabe uke wayibona, kodwa?" kubuza uFudu.

8

UBhungane wathi, "Cha, angiyibonanga, kodwa ngizonisiza ukuyifuna!"

Wagibela emhlane kaFudu wase ehamba noMnenke noNdlunkulu kanye noBhungane behleli emhlane wakhe.

Bafuna, bafuna futhi, kodwa yayingabonakali ndawo indlu. Kwaqala ukuheleza komoya.

9

Emva kwesikhashana bedlula uGundane. Wayenza umqhele wezimbali zamadeyizi.

"Ngabe kukhona enikufunayo?" kubuza uGundane.

"Yebo, Gundane ngifuna indlu yami. Ngabe uke wayibona yini?" kubuza uFudu.

10

UGundane wathi, "Cha, angikaze ngiyibone, kodwa ngizonisiza ukuyifuna!"

11

Wagibela emhlane kaFudu.

UFudu waqhubeka nohambo, noMnenke noNdlunkulu noBhungane noGundane behleli emhlane wakhe.

Bafuna, bafuna, kodwa lutho ukubonakala indlu. Umoya washanela amahlamvu phansi andiza azungeza izinyawo zikaFudu.

12

Wakhathala uFudu. "Niyasinda bakwethu," kukhala yena. Umoya waba namandla. Isibhakabhaka saba mnyama.

"Kazi iphi indlu yami?" kubuza uFudu. Kwavungama ukuduma emagqumeni. Kwathi phazi umbani kude.
Co-co, kwehla imvula.

"Kazi ikuphi indlu kaFudu?" kubuza uMnenke noNdlunkulu noFudu noGundane.

13

Umoya wazungeza wase uphephula izinto.

Waphephula uMnenke noNdlunkulu noBhungane noGundane bawa emhlane kaFudu.

14

Kwase kwehla isichotho, hwa-hwa-hwa.

UFudu wethuka kakhulu wagoqana wangena egobolondweni lakhe. Kufudumele futhi kuthokomele lapha.

"Mameshane, nansi indlu yami!" kusho yena.

15

"Hawu, nansi indlu kaFudu!"

16
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UFudu uthola ikhaya lakhe
Author - Maya Fowler
Translation - Nal'ibali
Illustration - Katrin Coetzer
Language - isiZulu
Level - Read aloud