

Kudala, kudala kakhulu kwakukhona uHare noNdlovu. UHare wayehlakaniphile futhi enobuqili. UNdlovu yena wayenensa futhi engenalusizo.
Ngelinye ilanga, uHare wahamba waya ezitolo, wathenga izicathulo ezinhle ezenziwe ngensimbi. Endleleni ebuyela ekhaya, uHare wahlangana noNdlovu. UNdlovu Weyizithanda kakhulu izicathulu zikaHare wacela uHare ukuthi amphelezele baye kulendawo azithenge kuyo.
Wathi uHare kuNdlovu, "Kufanele uthole izicathulo ezinhle ukwedlula ezami, ngaleyo ndlela uzokwazi ukuhamba ubukisa ngazo kubo bonke abantu ekhaya, ubenze babe nesikhwele." UNdlovu Waye jabule kakhulu. UHare noNdlovu bavumelana ukuthi bayohlangana ngosuku olulandelayo ekhaya likaHare.
Ngosuku olulandelayo, uNdlovu wahamba waye ekhaya likaHare. UHare wathi kuye, "Ngiyakwamukela mngani wami, ngena sizokwazi ukukutholela izicathulo ezinhle kakhulu lezi okungekho muntu onazo."
UNdlovu wayemangele wathi, "Yima kancane mngani wami, bengicabanga ukuthi sizohamba siyothenga izicathulo ezitolo?" uHare waphendula wathi, "Ndlovu, ufuna izicathulo noma ufuna ukuyobona izitolo?"
UNdlovu wehlisa umoya wathi, "Ngifuna isicathulo. Angilelanga izolo ebusuku bengicabangana nezicathulo zami ezintsha." uHare wayisa uNdlovu emuva kwendlu lapho enze khona umlilo omkhulu. Wathi uHare kuNdlovu, "Yima emlilweni ukuze izicathulo zakheke."
Ngoba uNdlovu wayenamashushu efuna izicathulo, wenza njengoba uHare esho. Wayengena ndaba nomlilo eqala. Zaqala zasha izinselo zikaNdlovu. Wayesezinhlungwini kodwa efuna izicathulo ezinhle, wema nsi elokhu ezwa ubuhlungu. Kwathi uma esezwa ubuhlungu kakhulu, wakhala uNdlovu.
UHare wathi kundlovu, "Yekela ukukhala ngoba zizoba zimbi izicathulo." uNdlovu wehlisa ukukhala kodwa izinhlungu zanda. Kwehla izinyembezi nje kuNdlovu, uHare wahleka ngokuzifihla wathi, "Yekela ukukhala uma ufuna izicathulo."
UNdlovu wayesengasakwazi ukumelana nezinhlungu, wagxuma waphuma emlilweni. Ngeshwa, izinselo zakhe zase zishile wayesengakwazi ukuhamba. Wahlala phansi wakhala esezinhlungwini.
UHare waya endlebeni kaNdlovu wamsebezela wathi, "Ubuseduze nokuthola izicathu ezihle kakhulu, kodwa manje angeke usaba nazo."
Kwaba yizinyanga eziningi kakhulu ngaphambi kokuthi uNdlovu eme ngezinyawo ngoba izinselo zakhe zazishe kakhulu. Zazi qondile. Umesencono wayexhuga uma ehamba.
Waxhuga waze wayofika kwakhe lapho unkosikazi kanye nezingane zakhe bemlindile bekhala. Nanamhlanje, uNdlovu usaxhuga, izinselo zakhe zisaphelile.

