

EHlathini laseMiwa, kwakuhlala uMfene owayehlezi ephatheke kabi. Njalo mekathola umtwana, uyafa.
Izinhlungu zokulahlekelwa yizingane zakhe kwenza uMfene egxuma gxume. Wayegxumela kuleli gatsha, ephinde eyekwelinye, ekhalele phezulu ethi " Kwi!Kwi!Kwi!"
UMfene wayehlezi ephatheke kabi. Waye phatheka kabuhlungu kakhulu mekabona ezinye izimfene nezingane zazo.
UMfene ophatheke kabi wayentengantenga esuka ngapha eyengapha. Waye ntengantenga kuleli gatsha ephinde eye nakwelinye igatsha! Izinsuku zadlula uMfene waqhubeka wakhala ngokweqile.
Wabesethola umtwana futhi. Wayesenquma ukuthi uzothatha umtwana wakhe eyombeka endleleni khona abadlulayo bazomubona bephinde bemufisele okuhle.
UMfene wehla esuka emagatsheni wayobeka umtwana endleleni. Ngaleso sikhathi, kwakukhona umzingeli owayephindela ekhaya. Wabona ingane elele eceleni kwendlela.
Umzingelo wayithatha ingane wayiyisa emzini wakhe. Mekafika endlini umzingeli, izingane zakhe ezintathu zaqala ukudlala ngengane yemfene.
Abafana abathathu bacula: "mulahlele phezulu! Mulahlele phansi! Mulahlele kimi! Mulahlele kuye!" Imfene ibilahlelwa kusuka kulengane kuyela kwenye.
Besadlala abafana abathathu nengane yemfene, umama Mfene wayecashile esihlahleni ebabhekile. Wayesaba ukuthi mhlawumpe nayo lengane izoshona njengalezi ezinye.
Unkosikazi womzingeli weza wabona izingane zidlala ngayo lemfene encane. Washo ngeliqinile, "Qaphelani! Muletheni la. Nizomulahlela phansi!"
Wamuthathela ezandleni zakhe umtwana wemfene, wamubusisa.
Mekathi unkosikazi womzingeli ubeka phansi umtwana, umama Mfene weza egijima ngentokozo. Wayithatha ingane yakhe wayibeka esifubeni wanyamalalela phezulu ezihlahleni.

