Umntwana owayekhala
Ursula Nafula
Wiehan de Jager

Ngelinye ilanga umama waya edolobheni wangishiya nengane yakhe encane.

1

Yaqala yakhala yaze yagoqongane, ngayinika ibhodlela.
Yanikina ikhanda. Yaphakamisa izandlana zayo ezincane isho ngezwi elihlabayo.

2

Umama wakwamakhelwane wafika ezwa isililo ezongelekelela. Wayigona. ezama ukuyithulisa ngebhodlela lobisi. kodwa lutho iloko imemeze njalo ikhala. Wase eyithinta esiphongweni.

3

Wathola ukuthi iyashisa ingenwa umkhuhlane. Lapho nami ngase ngikhala. Umama wakwamakhelwane wayengumngane kamama. Wamugeza umnntwana. Wamubeletha. Saba indlela sibheke emtholampilo.

4

Abahlengikazi bamuhlola bathola ukuthi ungena umkhuhlane. Bangibuza ukuthi umama womntwana ukuphi. Ngasho ukuthi uyothenga ukudla edolobheni. Bamuphuzisa umuthi. Wathula. ecambalele emahlombe womhlengikazi.

5

Samuzwa esethule engasamemezi wahushuzeleka. Wathula ezwa izandla zabahlengikazi emtholampilo.
Ngaqala ngathula ngayekela ukukhala ngoba nomntwana kamama wayesethule engasakhali.

6

Umhlengikazi owayemphethe wamshuzela. Wathula. Wazumeka. Bamlalisa embhedeni wabantwana. Ngazizwa nginokujabula ukuthi umntwana uzoba ngcono uma esefike emtholampilo.

7

Emtholampilo bafonela umama ukuthi adlule ngakhona ukuze abone umntwana ngoba wayezolaliswa ukuze elashwe lomkhuhlane owawumuhlasele. Ngagcina ngci ukusala nengane umama wayo engekho.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Umntwana owayekhala
Author - Ursula Nafula
Adaptation - Thulile Gumede
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First paragraphs