

Ngelinye ilanga umama waya edolobheni wangishiya nengane yakhe encane.
Yaqala yakhala yaze yagoqongane, ngayinika ibhodlela.
Yanikina ikhanda. Yaphakamisa izandlana zayo ezincane isho ngezwi elihlabayo.
Umama wakwamakhelwane wafika ezwa isililo ezongelekelela. Wayigona. ezama ukuyithulisa ngebhodlela lobisi. kodwa lutho iloko imemeze njalo ikhala. Wase eyithinta esiphongweni.
Wathola ukuthi iyashisa ingenwa umkhuhlane. Lapho nami ngase ngikhala. Umama wakwamakhelwane wayengumngane kamama. Wamugeza umnntwana. Wamubeletha. Saba indlela sibheke emtholampilo.
Abahlengikazi bamuhlola bathola ukuthi ungena umkhuhlane. Bangibuza ukuthi umama womntwana ukuphi. Ngasho ukuthi uyothenga ukudla edolobheni. Bamuphuzisa umuthi. Wathula. ecambalele emahlombe womhlengikazi.
Samuzwa esethule engasamemezi wahushuzeleka. Wathula ezwa izandla zabahlengikazi emtholampilo.
Ngaqala ngathula ngayekela ukukhala ngoba nomntwana kamama wayesethule engasakhali.
Umhlengikazi owayemphethe wamshuzela. Wathula. Wazumeka. Bamlalisa embhedeni wabantwana. Ngazizwa nginokujabula ukuthi umntwana uzoba ngcono uma esefike emtholampilo.
Emtholampilo bafonela umama ukuthi adlule ngakhona ukuze abone umntwana ngoba wayezolaliswa ukuze elashwe lomkhuhlane owawumuhlasele. Ngagcina ngci ukusala nengane umama wayo engekho.

