

UBhontshisi noSikhuni Esivuthayo babengabangani. Babethanda ukwenza izinto ndawonye.
Ngelinye ilanga baphumela ngaphandle bazula. Bahamba baze bafika emfuleni. "Ngubani ozowela kuqala?" basho bebuzana.
USikhuni Esivuthayo wathi, "Hamba kuqala, Bhontshisi." UBhontshisi wathi, "Hamba kuqala, Sikhuni Esivuthayo." Kodwa bobabili babewasaba amanzi. Ngemva kwesikhathi, uSikhuni Esivuthayo wanquma ukuthi ahambe kuqala.
Ngemva kwesikhathi, uSikhuni Esivuthayo wanquma ukuthi ahambe kuqala. Waqale wahamba egatsheni elizacile phezu komfula.
Igatsha lanqamuka, uSikhuni Esivuthayo wawela emanzini. Kwaba nomsindo omkhulu othi, 'Ssss' Kwashunqa' intuthu kuSikhuni Esivuthayo.
UBhontshisi wahleka kakhulu waze waqhephuka waba yizingcezu ezimbili.
Kusukela ngalelo langa, isikhuni esivuthayo saphenduka sabamnyama uma sibamanzi. Kusukela ngalelo langa, ubhontshisi wehlukana izingcezu ezimbili.

