Ilahle Nobontshisi
Nomatu Ngqangashe
Jemma Khan

UBhontshisi noSikhuni Esivuthayo babengabangani. Babethanda ukwenza izinto ndawonye.

1

Ngelinye ilanga baphumela ngaphandle bazula. Bahamba baze bafika emfuleni. "Ngubani ozowela kuqala?" basho bebuzana.

2

USikhuni Esivuthayo wathi, "Hamba kuqala, Bhontshisi." UBhontshisi wathi, "Hamba kuqala, Sikhuni Esivuthayo." Kodwa bobabili babewasaba amanzi. Ngemva kwesikhathi, uSikhuni Esivuthayo wanquma ukuthi ahambe kuqala.

3

Ngemva kwesikhathi, uSikhuni Esivuthayo wanquma ukuthi ahambe kuqala. Waqale wahamba egatsheni elizacile phezu komfula.

4

Igatsha lanqamuka, uSikhuni Esivuthayo wawela emanzini. Kwaba nomsindo omkhulu othi, 'Ssss' Kwashunqa' intuthu kuSikhuni Esivuthayo.

5

UBhontshisi wahleka kakhulu waze waqhephuka waba yizingcezu ezimbili.

6

Kusukela ngalelo langa, isikhuni esivuthayo saphenduka sabamnyama uma sibamanzi. Kusukela ngalelo langa, ubhontshisi wehlukana izingcezu ezimbili.

7
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ilahle Nobontshisi
Author - Nomatu Ngqangashe, Thanda Khumalo
Adaptation - Zoza shongwe
Illustration - Jemma Khan, Wiehan de Jager, Pixabay, Catherine Groenewald
Language - isiZulu
Level - First sentences