

Leli yikhaya lezilwane eziyizintandane.
Ngenyanga edlule bekumatasatasa kuleli khaya. UNdlovana ube ngowokuqala ukufika. Wayezacile futhi elusizi.
Kodwa ngokukhulu ukushesha uNdlovana wanonophala. Waqala ukudlala nezinye izilwane.
Ezinsukwini ezimbalwa, kwathi cababa indiza enophephela emhlane kuleli khaya.
Ngabe ilethe bani namhlanje? Ha! Omunye undlovana?
UNdlovana wayembeswe ngengubo yokulala. Wayenezinsuku ezinhlanu ezelwe. Umgcini wamncelisa ibhodlela.
Vum, vum, vum! Ngubani-ke lowo? Ha! Yiloli elilethe uNdlulamithi.
UNdlulamithi wayenezinyanga ezinhlanu. Wayebuthakathaka emva kohambo lwakhe olude.
Ngenxa yentamo yakhe ende, umgcini kwakufanele agibele esihlahleni ukuze akwazi ukumncelisa.
Ekupheleni kwenyanga kwagcina sekufike izintandane zamawundlu engwe. Zazintathu, uKopi, uKipi, noKeji.
Umgcini nabasizi bakhe babezithanda zonke lezi zilwane, ngisho nalezo ezigangile.
Abantu bakuleli khaya babesebenza kanzima kodwa ngothando. Babefisa ukuthi ngelinye ilanga lezi zintandane ziyokwazi ukuzinakekela ngokwazo, zibuyele emakhaya azo emvelo.

