

Ngolunye usuku, ilanga nemvula zaphikisana. "Yimi onamandla," kusho ilanga. "Yimi onamandla," kusho imvula.
Ngosuku olulandelayo, ilanga lavuka ekuseni kakhulu. Abantu bageza zonke izingubo zabo. Izingubo zashesha ukoma.
"Uyabona, yimi onamandla," kusho ilanga.
Ngosuku olulandelayo, imvula yavuka ekuseni kakhulu. Yathela usuku lonke. Abantu bagcwalisa amabhakede namathangi.
"Uyabona, yimina onamandla," kusho imvula.
NgoMasingana noNhlolanja, ilanga lalivuka ekuseni kakhulu. Lalibalele zonke izinsuku. Zonke izitshalo zoma. Abantu boma nezilwane zaphelelwa ngamanzi.
Kwakushisa yonke indawo. Abantu bafuna imifula yokubhukuda.
NgoMbasa, imvula yaqala ukuna. Yana ekuseni. Yana ntambama. Yana kusihlwa nasebusuku.
Yonke into yayimanzi. Kwaqala ukubanda. Abantu bagqoka amajazi nezingubo. Kwakunodaka yonke indawo.
Abalimi bajabula. Balima kakhulu. Babethembe ukuthi izilimo ziyomila uma imvula seyimile.
Emva kwesikhathi, abantu basebekhathele yimvula. Izilwane zafuna izindawo ezomile neziphephile.
Ekugcineni, ilanga laphuma kodwa lingashisi ngokwanele. Izulu labanda.
Kwakungekho muntu othokozela lesimo sezulu.
Abantu bazibuza ngelanga nemvula. Babefuna ukwazi ukuthi ngubani onamandla.
Wena ucabanga ukuthi ngubani onamandla? Yilanga noma yimvula?

