Unkosikazi oyisihlahla
Southern African Folktale
Jemma Kahn

Emandulo, kwakukhona indoda eyayinothile – inepulazi elikhulu elivundile, inezinkomo, izimvu, nezimbuzi.

Ngesikhathi ikhula, kwakhula nokudinwa, ngoba kwakukhona okwase kushoda emnothweni wayo. Yayingenaye unkosikazi.

1

Emile ngaphansi kwesihlahla wafikelwa yisu elihle kakhulu.

Uma egcina engamtholi unkosikazi, mhlawumbe angazenzela owakhe?

2

Ngakhoke wabaza owesifazane omuhle egatsheni lesihlahla esiqinile.

Wathi uma eseqedile ukwenza isichuse sakhe wathinta amehlo akhe avuleka. Ngesineke, wamphefumulela, wavele waphila waphefumula.

3

Wayengowesifazane omuhle ukwedlula bonke.

Waguqa phambi kwakhe wamcela ukuba abe umkakhe.

4

Wamfaka isibhaxelo, ubuhlalu nesicoco njengophawu lomshado. Wamakhela umuzi ngodaka notshani lapho ayehlala anabe khona.

"Kukhona into eyodwa engiyicelayo," washo kumkakhe. "Ungatsheli noyedwa ukuthi ngikuthathephi."

5

Emva kwesikhashana, izinsizwa ezingomakhelwane zaqala zavungama.

"Kungenzeka kanjani ukuthi ikhehla libe nonkosikazi omuhle kanje?" Banquma ukumtshontsha. Bamthatha bamfaka esibayeni sabo."

6

Inhliziyo yekhehla yayibuhlungu. Wazizwa engakwazi ukuphila ngaphandle kwakhe.

Wacabanga, "Mhlawumbe ukuba benginotho lwakhe. Ngabe angibuhlungu kanje?" Wathumela amajuba amabili ukuyomfuna, amculele bese ebuya nento yakhe.

7

Esemtholile, amculela ngolimi lwezinyoni:

Nkosikazi, nkosikazi oyiyisihlahla, omuhle ukwedlula amanye amakhosikazi. Umyeni wakho usithumile ukuthi sizolanda isibhaxelo sakho!

8

Wawanika isibhaxelo andiza phezu kwezindlu, kwamagquma naphezu kwemifula, aze ayofika kumyeni wakhe.

Wasithatha wasibeka ebusweni sathi ukumdududuza isikhashana.

9

Umzwangedwa wamudla njalo. Ngakho ke wathumela amajuba ukuthi ayomculela futhi:

Nkosikazi, nkosikazi oyiyisihlahla, omuhle ukwedlula amanye amakhosikazi. Umyeni wakho usithumile ukuthi sizolanda isicoco sakho!

Nempela zasithatha zandiza naso.

10

Wabamba isicoco somkakhe wabubula ebalisa ngomkakhe ele kude esibayeni lapho izinsizwa zazi mbeke khona.

Emva kwesikhashana wabiza amajuba futhi, "Hambani niyomculela futhi."

Nkosikazi, nkosikazi oyiyisihlahla, omuhle ukwedlula amanye amakhosikazi. Umyeni wakho usithumile ukuthi sizokulanda ubuyele ekhaya!

11

Ngesikhathi amajuba ephindela kuye okwesithathu, afike ahlala phezu kwamahlombe akhe. Acula iculo lawo, ijuba lakopolota iso lakhe.

Ngokushesha waphenduka isichuse futhi. Izingalo nekhanda lakhe kwawohloka.

12

Umyeni wakhe wagingqela isiqu somzimba wakhe emfuleni. Wamvusa wammisa ngezimpande zakhe emanzini.

Elekelelwa ilanga namanzi wamila amaqabunga futhi.

13

Ngesikhathi umoya uvunguza amaqabunga awa.

Njengokukhophoza konkosikazi uma ebona umyeni wakhe.

14
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Unkosikazi oyisihlahla
Author - Southern African Folktale
Adaptation - Family Literacy Project
Illustration - Jemma Kahn
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs