

Usipho umfana omuhle wasedolobheni, uvakashela eMakhaya eMlomo.
Kwakumnandi eMakhaya, bemfundisa ukuthi zinikezwa kanjani izinkomo ukudla kwazo.
Usipho wayethanda ukuhlala abheke izinkomo, amangale ukuthi kanti izinkomo zidla utshani?
Wayemangele kakhulu ukubona inkomo ebizwa ngo Zwide isengwa.
Usipho waphuza ubisi oluphuma enkomeni okokuqala ngqa. Kwamjabulisa kakhulu lokhu. Phela yena wayejwayele ubisi oluthengwa esitholo.
USipho waba no thando kakhulu ekufunzeni izinkomo.
Wayewuthanda kakhulu nokuzithelela amanzi.
Usipho wayeqala ukubona ibhodwe elinemilenze emithathu. Wakhuza umhlola! Kanti abantu bayaphekela phansi ngezinkuni!
Wajabula u Sipho wayeqala ukudla uphuthu ngobisi.
Emva kwalokho wazidlalela ibhola lezinyawo nomngane wakhe u Lindokuhle.
Ntambama wafunda izincawadi zezingane kwaze kwakubonakala ukuthi uyazithokozela.
Wavalelisa kumngane wakhe emkhulu u Zwide inkomo.

