Isicabucabu Esihlala Esihlahleni
Zimbili Dlamini
Wiehan de Jager

Lesicabucabu besihlala ekhaya elijwayelekile.

1

Kodwa ngesikhathi izilwane zasendle zidla amagatsha ezihlahla, sazithola sekufanele sibaleke kuleyondawo.

2

Sathi sisahamba sazithola sesidukelene nomndeni waso.

3

Kuwona lowo mzwangedwa lashintsha izulu. Lanetha kwaba nezikhukhula.

4

Saqhubeka nohambo lwaso ukuyofuna ikhaya elisha. Kodwa indlela yayiyinde futhi yesinda.

5

Endleleni sahlangana nonogwaja. Unogwaja wasihleka ngoba sasibukeka sethukile.

6

Unogwaja wasiyalela lapho ikhaya laso lingakhona.

7
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Isicabucabu Esihlala Esihlahleni
Author - Zimbili Dlamini
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First sentences