Usuku lwami lokuqala esikoleni
Zimbili Dlamini
Cathy Feek

NgoMsombuluko ekuseni, ilanga laphuma njenganjalo kodwa kimi lalihlukile.

1

Umama wayengithengele izicathulo ezimnyama.

2

Wayengithengele ishuniki, amasokisi nehembe. Kwakumnandi ngesikhathi ngiqgoka.

3

Kodwa ngangingaqondi ngempela ukuthi kuzobanjani ngalolusuku.

4

Ngathi uma ngilinganisa ukuthi ngizosibamba kanjani isikhwama sami. Ngazizwa ngiqina idolo.

5

Umama wangivalelisa kahle ngaphuma nginesibindi negugu.

6

Kodwa ekilasini kwaba usuku olumnandi. Uthisha wethu wasamukela kamnandi. Ngathola nabangani abasha.

7

Ilanga lashona kamnandi, sengilindele ukuthi kuse sibuyele esikoleni futhi ngakusasa.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Usuku lwami lokuqala esikoleni
Author - Zimbili Dlamini
Illustration - Cathy Feek, Mlungisi Dlamini, Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First sentences