Ucwaningo lokuzazi lukaMfanelo
Zintle Ntshiza

UMfanelo uzizwa enesithukuthezi. Ucabanga isu elingamenza athole ukujabula osukwini lwakhe olungeluhle.

1

Wabiza umalume wakhe uMbotho ukuba amusize ukwenza usuku lwakhe lube mnandi, "CHA CHA CHA! mfana wami ngeke kulunge!". Kunqaba umalume wakhe.

2

" Ngiyakucela malume " Kuzikhalela UMfanelo.
"Kubukeka kuwusuku olungajwayelekile lolu kuwe, okungenzeka uzodinga ukuzwa okungaba eyezilwane ezihwashazelayo, ukukhala kwemisindo yasemadwaleni noma izilwane ezinwabuzelayo". Kusho umalume.

3

"Awu! Cha malume angeke imisindo yezilwane kube yinto engangijabulisa". Kusho UMfanelo emuva kokudweba isithombe emqondweni mayelana nokushiwo umalume wakhe.

4

"Mmmm angazi ke nami Mfanelo, mhlawumbe kufanele ube nocwaningo mayelana nokungakwenza ujabule". Kusho umalume.

5

"Yeboo! Kuzwala kuzosebenza lokho malume, kuzomele ngiyocela umzala wami uLwazi ukuthi angisize kulocwaningo!". Kumemeza uMfanelo egijima eshiya umalume wakhe emangele.

6

UMfanelo noLwazi baqala ucwaningo. Badlala umdlalo wokweqa amathayi angasempompini kubokaLwazi, "mmmh! Ayi Lwazi angeke kulunge kunalokho asidlale omunye umdlalo". Kusho uMfanelo ekwaza ehamba eshiya uMzala wakhe emumva.

7

UMfanelo esakwaza, kumemeze uLwazi ethukile. "Kwenzenjani Mfanelo?". Lutho uMfanelo ukuphendula, emuva kwalokho uMfanelo ube esevala emahlo wakhumbula ukuthi kusasa usuku lukamama wakhe lokuzalwa wabe esazi ukuthi ujabuliswa yini encuma.

8

Imisindo esetshenzisiwe.
cw, dw, gw, jw, hw, lw, kw, nw, mb, mf, mm, mp, ms, ms.

9
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ucwaningo lokuzazi lukaMfanelo
Author - Zintle Ntshiza
Illustration -
Language - isiZulu
Level - First paragraphs