UNtwala no Nogwaja bangabangani
Sibulelo Nzimande

Kwakukhona umfanyana igama lakhe ngu Ntwala. Wayehlala nogogo wakhe eduze kwentaba.

1

UNtwala wayekuthanda ukuhamba ehlathini njalo uma ebuya esikoleni.

2

Ngelinye ilanga wahlangana no Nogwaja, omuhle omhlophe, base baba ngabangane.

3

Bahamba bobabili baya ensimini enezaqathe. Angithi phela uNogwaja intandokazi yakhe izaqathe.

4

UNogwaja wangena ensimini ebona izaqathe. UNtwala yena wehluleka ukungena ngenxa yokuba wayemukhulu ngomzimba.

5

Bazama icelo waze wakwazi nokungena u Ntwala.

6

Badla bashaya esentwala. Base bebuyela ekhaya lika Nogwaja.

7

Endleleni babona ibhubesi liza kubona. Babaleka bebheke ekhaya lika Nogwaja.

8

Bangena endlini bavala ukuze lingakwazi ukungena ibhubesi.

9

Bahlala phansi badla ngoba base belambile. Kusukela ngalelolanga baqhubeka baba nabangani.

10
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UNtwala no Nogwaja bangabangani
Author - Sibulelo Nzimande
Illustration -
Language - isiZulu
Level - First paragraphs