

Ubaba uNxele wayebathanda kakhulu abafana bakhe abancane ababengamawele. Wayebenzela konke okuhle okubajabulisayo aze abaphekele, abaphakele nokudla okuyintandokazi yabo!
Ngelinye ilanga ubaba wamawele wawanika ubhasikidi ewathuma ukuthi bayomukhela izithelo ehlathini elibuqamama nakubo. Ngokungathandabuzi, banikela khona abafana bephethe nezinduku zokuvuna izithelo.
Sebeqonde ehlathini, bahlangana nekhonde elisabekayo elaselihluphe kakhulu endaweni igama layo kungu Khonde-khonde. Ikhonde alichithanga sikhathi malibona abafana, laqonda kubona labaphuca ubhasikidi, lavula ladla konke ukudla okuphakathi.
Babuyela ekhaya bekhala bengazi nokuthi bazachaza bathini kubaba wabo. "Ini, uKhonde-khonde wenzeni? Ngeke nje sikhathele ukudlala ikhonde thina ngifuna silifundiseni isifundo ke manje". Ubaba waqhamuka necebo elithile.
Abafana baphindela khona ehlathini beneqholo lokuthi icebo likababa wabo lizosebenza. "Yabona manje siyoqeda nya ngalekhonde. sifuna lisuke liphele kuleli hlathi liyohlala namanye amakhonde le kude".
Besazixoxela nje abafana benganake lutho, qhamukiyani uKhonde-khonde esebhavumula, exhamazela eqonde kubona abafana. "Lethani la lowo bhasikidi, yimina inkosi yakulelihlathi. Ngidla konke engikuthandayo ngesikhathi engisithandayo"
Bahlohla amehlo abafana, bethuka kakhulu bebona uKhonde-khonde esondela eduze ezocaphuna ubhasikidi wabo.
Alichithanga isikhathi eside ikhonde. Lafike labaphuca ubhasikidi.Ngenxa yesisindo sawo, lathatha ngobunono ukuze lingezuchitha ukudla okuphakathi. Abafana babethuke kakhulu bengazi noma icebo likababa wabo lizosebenza yini.
"Yeyeni bo!, inja engaka! bafanyana,bafanyana,ngisizeni bo angifuni ukufa. Lekelelani bo!". Ngalesosikhathi abafana babeqhephuka yinsini. Inja izitamuzela ekhondeni.

