

Unogwaja omhlophe ohlakaniphile.
Izilwane zazihlezi ziyohlola indlela okukhula ngayo ukudla kwazo engadini yazo. Kanti unogwaja wawungavumelekile engadini yabo ngoba wayelivila elikhulu.
Unogwaja wathi ezidlulela ngasengadini wabona ukudla okuhle kwezilwane. Kodwa phela unenhlanhla unogwaja ngamaqhinga akhe, wathula wacabanga isu azokwenza ukuthi naye athole ukudla kulengadi.
USomaqhinga wabiza izilwane wazixoxela ukuthi uthe ezizulela wabona inqwaba yezifo ezikhona kwingadi yabo. " Mina ngafundela ukuba umlimi ngakho ke ingadi yenu isenyakanyakeni yezifo eziningi". zathuka izilwane zizwa loko.
USomaqhinga Wavuka ekuseni kakhulu wafika wathela umuthi obulala ukhula eceleni kwengadi bese wabeka indwangu esangweni, zathi zifika izilwane kulengadi kulenga indwangu zethuka kakhulu kunakuqala zathi khimilii.
Ungulube yena wayengayizwa yonke lento abakhuluma ngayo. Waziqhubekela nokulima ingadi yakhe ngokuthula.
Njalo ekuseni izilwane zazihamba ziyohlola ukuthi kuhamba kanjani. Awu! Kubabaza UMnumzane Ngulube ebona sekuqala ukusha eduze kokudla abakulimile. Inkomo yacabanga ukuthi kumele bacele usizo kuNogwaja. Bahamba bayofuna uGwajo.
Kwaba nomhlangano phakathi kwabalimi nomlimi onoqeqesho kwezolimo. Bacela ukuba abasize, wabe esebeka umgomo wokuthi njalo uma bezovuna bazomupha naye futhi bazokuletha bona kwakhe. Bavumelana bonke.
Izulu lalingelihle neze. Kungabonakali kahle kodwa izilwane zakhetha ukuhlangana zikhulume ngomkumcaphunela uGwajo ekudleni kwazo ngenxa yomlingo abenzele wona zavumelana kodwa ngenxa yokuthi azibonani noma zixoxa zakhetha ukuhlukana.
USomaqhinga wabiza umngani wakhe ezombonisa ingadi yakhe. " Lena ingadi yami", kusho uGwajo. "Unamanga bo!", kuphika uGwajile. UGwajo wathi uqashe izilwane ukuba zimlimele Uma emphikisa ababheje ngemizi yabo uzobona uzobacela bamvunele.
UGwajo onguSomaqhinga wase esephezu kweqhinga lakhe lokuthatha umuzi waGwajile okungumngani wakhe. Izinzwane zakhe zazithuthumela ngenxa yezinto azenza kubantu asondelene nabo.
USomaqhinga onguGwajo wayezihlalele ecabanga ukuthi sekuzoba imizi yakhe yonke le. Wayebuye akujabulele loko noma azi ukuthi Uma ebanjwa naye angangaba namuzi.
Bathi bebuya ekuzingeleni oGwajo bafica izilwane ziletha ukudla okuningi kwakhe uGwajo akazange esapholisa maseko uGwajile wase eya kwakhe edumele wafika wathatha konke kwakhe washiya bonke abangani bakhe kuwo umuzi washo wathi useyahamba.
UNdlovu wathi edlula wamangazwa ukuthi uGwajo usebiye yonke indawo ngisho nendawo kaGwajile futhi uhleli nomndeni wakhe kanye abangani baGwajile. Kwaba sobala ukuthi uyisigwili impela
Wabiza umndeni wakhe uGwajo, ubaba , umama, usisi kanye nobhuti wakhe. Wabaxoxela ngokuthi wenze kanjani ukuze abenokudla okuningi kanye nokuba nemizi emibile bamangala basho bathi unenhliziyo embi angaze athathele umngani wakhe umuzi pho.
UGwajo wathi ezibusisa kwakhe ebanga umsindo zabuya zonke izilwane zizobuka. Kwamane kwaqhamuka ukhozi kwaqhuma imibane kwashayeka inkawu esihlahleni kwadideka zonke izilwane ngesimanga sanogwaja lakhala ukhozi lathi, "wenzani Somaqhinga".
Incwadi isenbenzise lemisindo ka Level 2 Term 4. mc, mg, ml, mn, ndw, njw, ndl, nhl, nqw

