UMimi ingane emnene
Phumy Zikode

UMimi uthanda umculo.

1

Ucula ekhaya nomama wakhe.

2

Benza umjaho, bagijima emzileni.

3

Bathi besagijima babona umlilo uza le kude. Umama wathi "QAPHELANI UMLILO".

4

Babaleka babuyela ekhaya benovalo.

5

Bangena endlini, sebekhathele kakhulu.

6

Umama wabapha umxube wokudla, badla bajabula.

7

UMimi wagqoka umgexo wakhe wakwanokusho, awenzelwe umama wakhe.

8

Uphelezela abangani bakhe u Mxolisi Kanye no Mnotho.

9

Endleleni baficwa imvula enamandla.

10

Bazama ukuhamba ngokushesha kodwa bacabanga ukuthi umama wathi, akumele bagijime uma kuna imvula.

11

Babehamba beshibilika odakeni.

12

Bahamba baze bayofika ekhaya lika Mnotho.

13

Imisindo esebenzisiwe
mc, md, mg, mj, ml, mn, mt, mx, mz

ncw, ndw, ngw, njw, nkw, nsw, ntw, nzw, ndl, nhl, nqw

14
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UMimi ingane emnene
Author - Phumy Zikode
Illustration -
Language - isiZulu
Level - First paragraphs