Izilwane Ezinamandla
Lifalakhe Nkomonde
Lizel Engelbrecht

Ekujuleni kwehlathi, kwakukhona inyoka enelukuluku, elayijabulile lifunana nezilwane ezinamandla amakhulu. Ngokuphazima kweso, yashayisa indlovu enkhulu. Yamangala, inyoka yabuza, "Hawu, uyihlobo lwesilwane esinjani?"

1

Sawubona! Ngiyindlovu futhi amandla ami amakhulu ukuthi ngiyakwazi ukuzwa ngezinyawo zami!" Kusho indlovu. Inyoka yaphulula ulwimi lwayo ifuna ukwazi. "Hissss, Ngempela? Mina ngiyinyoka, futhi ngiyakwazi ukunuka wonke amaphunga ngolimi lwami. Ngiyazibuza ukuthi ezinye izilwane zinamandla anjani.

2

Indlovu yamemeza ngecilongo elikhulu, "Asihambe siyothola ulwazi!"

3

Inyoka nendlovu zasheshisa ukunyakaza, bashaya phansi befuna ezinye Izilwane Ezinamandla amakhulu. Kude le, umnenke wezwa umsindo wokunyathela kwendlovu, kwathi lapho abheka phezulu wabona isithunzi esikhulu, wababaza, "Ima dlovu! Ucishe wanginyathela"

4

Indlovu yazivala ingxenye yobuso bayo ngomboko wayo, yaxolisa . Inyoka enamehlo avuleke ngokumangazayo yazibuza, "Asikubonanga lapho. Ungathanda ukuba Isilwane Esinamamdla?"

5

Umnenke washondela kancane waya kulezilwaneni ezimbili futhi ngokuzethemba wathi "Yebo, yebo, ngiwumnenke futhi amandla ami amakhulu ukuthi ngingalala iminyaka emithathu" Inyoka nendlovu zahayiza futhi zashaya icilongo, "ngethemba uba namaphupho amahle" Umnenke wahleka futhi wababaza, "asitholeni ezinye izilwane ezinamandla amakhulu nazo zibe seqembini lethu"

6

Lezilwane ezithathu zaqhubeka nohambo lwabo futhi baphakamisa amehlo ukuze bezwe umsindo wenjabulo ovela enyosini .

7

"Sanibona lapho zilwane ezinamandla amakhulu!" Ingabe niyafuna ukungifaka eqenjini lenu? Ngiyinyosi futhi ngiyakwazi ukukhumbula ubuso bomuntu!" "Kuyamangalisa lokho! Hamba nathi, nyosi!" kuphendula undlovu.

8

"Ngizwa iphunga lolwandle!" kumemeza inyoka ikhiphe ulimi. Ngokushesha, ingwane yavela phambi kwezilwane ezinamandla amakhulu . "Ingabe niyizilwane ezinamandla amakhulu ? Ngingakwazi ukuhamba nani? Ngiyingwane futhi nginezinhliziyo ezintathu!" kusho ingwane.

9

"Yebo, singathanda ukuhamba nawe!" Kumemeza umnenke. Kodwa bangani, sikhohle ukwengeza isilwane esinamandla ukudlula thina sonke eqenjini lethu elisha. Yini amandla akho amakhulu?

10
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Izilwane Ezinamandla
Author - Lifalakhe Nkomonde, Akhona Siame, Zizo Mtshemla
Illustration - Lizel Engelbrecht
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs