Amaqhawe Wemifino
Kyra Rocker
Adrienne Mare

Umzimba wawusenkingeni.
Amagciwane kade ewugulisa.
Ukukhathala kwakwenza umzimba ubebuthaka.
Ngubani ongalekelela?

1

Engadini elinelanga kwaqhamuka iqembu lamaqhawe.
Kwagijima isiqathe kuqala.
"Ngizokusiza ukuthi ubone!" kusho isiqathe.
"Amandla ami azokunizeka amehlo akhanyayo!"

2

UBhulokholi waphakamisa ihawu elikhulu eliluhlaza.
"Ngizovimba amagciwane amabi!" kusho uBhulokholi.
"Ngizokwenza uphephe!"

3

Utamatisi wafafaza amanzi apholile.
"Ngizothulisa umzimba wakho," kusho utamatisi.
"Ngisize nenhliziyo yakho!"

4

Isipinashi sabonisa imisipha yaso.
"Ngizokwenza uqine!" kusho isipinashi.
"Ngizokunika amandla okukhula!"

5

Ugalikhi wangena ngokuthula.
"Ngizolwa namagciwane buthule," kusho ugalikhi.
"Yimina i-ninja!"

6

UKale waveza izikhali zakhe.
"Ngizokwenza umzimba wakho uqine," kusho uKale.
"Ngizosiza amathambo akho ahlale aqinile."

7

Ummbila wangena ngokushesha. "Ngizokwenza ube nejubane," kusho ummbila.
"Ngizokwenza isisu sakho sizizwe kahle."
"SingamaVeggie Avengers!" basho bonke.
Baxosha amagciwane

8

"SingamaVeggie Avengers!" basho bonke.
Baxosha amagciwane.

9

Umzimba wazizwa uqine futhi.
"Ngiyabonga, maqhawe emifino!" kusho wona.
"Ngizizwa ngiyiqhawe!"

10
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Amaqhawe Wemifino
Author - Kyra Rocker
Illustration - Adrienne Mare
Language - isiZulu
Level - First paragraphs