Isongo sikaThembi semilingo
Lauren Mayisa

Usuku lokwethula inkulumo esikoleni samabanga aphansi i-Leaway. Isikhathi sesiNgisi sikaThisha uRajesh.

UThembi ume phambi kwabafundi, nephepha lakhe lamanothi. Zonke izingane zibheke kuyena. Izintende zakhe zijulukile uvalo.

1

Wonke lamehlo ambukile ayemethusa. Uyazama ukukhuluma, kodwa inkulumo yakhe ayenzi mqondo.

"Ungahamba uyohlala phansi, Thembi. Uzokwethula inkulumo yakho kusasa. Leli ithuba lakho lokugcina," kwasho uThisha uRajesh.

2

"Kodwa besizilungiselele, Thembi. Bekade sazi ukuthi kufuneka sithini, simoshe kuphi kodwa?!" nguThembi ezibuza.

"Hawu! Awusabingeleli yini Thembi?" kubuza uMaDlomo, umakhelwane wakhe.

3

"Ngiyaxolisa, kunjani ma? Ukuthi ngizizwa ngidumele." kuphendula uThembi.

"Kungani, kwenzekeni?" kubuza uMaDlomo esho eyeka ukunisela izimbali.

"Bekade nginesethulo namuhla. Ngizilungiselele ubusuku bonke kodwa ngahluleka." kuchaza uThembi.

4

Wathula kancane uMaDlomo, wase ethi, "Ungakhathazeki ntombazana yami, nginento engicabanga ukuthi ingakusiza, ima khona lapho, ngiyabuya."

UMaDlomo wangena endlini wabuya ephethe okuthize ngesandla sakhe.

5

"Bamba lokhu," kusho uMaDlomo enika uThembi isongo.

"Lesi songo sinemilingo, sizokuzisa ukuthi wenze kahle uma uyokwethula inkulumo yakho. Sizokwenza uzethembe. Usigqoke ngaso sonke isikhathi, uzobona imilingo."

6

"Saze sasihle! Ngiyabonga kakhulu ma! Ngiyakuthembisa ukuthi angeke ngisilahle," kusho uThembi egijimela ekhaya kubo.

7

Ngakusasa, uThembi wavuka ezizwa enokuzethemba futhi ekulungele ukwethula inkulumo yakhe.

Wapakisha izincwadi ngokucophelela esikhwameni sakhe wabe egqoka isongo sakhe esinemilingo. Wazibuka esibukweni, wabe eya esikoleni.

8

Esikoleni, uThembi walinda isikhathi sikaThisha uRajesh.

Kwathi engangena uThisha ekilasini, uThembi waphakamisa isandla ngokukhulu ukujabula wathi, "Thisha, bengisacela ukuba ngowokuqala?" UThisha wamamatheka wabe ethi, "Woza ngaphambili."

9

UThembi wama ngaphambili. Wathinta isongo sakhe wase ephefumula. Kwathuleka cwaka ekilasini. Ngenkathi eqeda ukwethula, ikilasi lonke lamushayela izandla.

"Ngikwenzile," esholo phansi. "Isongo siyasebenza! Kufanele ngiyotshela umama uMaDlomo!"

10

Ngokuphuma kwesikole, uThembi wagijima ukuya endlini ka MaDlomo. Wamemeza ngaphambi kokuthi afike esangweni, "Mam' MaDlomo! Mam' MaDlomo!"

UMaDlomo waphuma ngokukhulu ukushesha. "Kwenzenjani? Ingabe ulimele?" "Isongo siyasebenza!" kusho uThembi.

11

"Ngenze nabangani abasha, amahloni ebengekho nakancane!"

"Izindaba ezimnandi lezi! Kodwa iqiniso ukuthi, lesi songo asinayo imilingo. Bekulokhu kukuwe kwasekuqaleni." kusho uMaDlomo ebamba isandla sakhe.

"A…Angiqondi!" kusho uThembi.

12

"Ubungasidingi lesisongo ukuthi wenze kahle. Ubudinga ukuthi uzethembe," kuchaza uMaDlomo.

Kusukela ngalelolanga, uThembi akaphindanga wasigqoka isongo sakhe. Waba ngumfundi ohamba phambili ekilasini lakhe. Waba nabangani abaningi abalungile.

13
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Isongo sikaThembi semilingo
Author - Lauren Mayisa
Illustration -
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs